UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Sisi Tolashe, usenxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bakugweme ukuphuza utshwala noma ukudayisela izingane ngabo ngenyanga kaMfumfu (October) okugujwa ngayo inyanga yokuthuthukiswa komphakathi. Lesi sikhalo siqhamuka ngesikhathi leli lizwe ligubha uSuku Lomhlaba Lokungaphuzi utshwala ngoLwesithathu.
Ungqongqoshe uzogxila ekuqwashiseni ngemiphumela eyingozi yotshwala, ikakhulukazi umthelela wabo ezinganeni nasemiphakathini.
Ngokusho kokhulumela uMnyango uBathembu Futshane, utshwala buyisidakamizwa esisetshenziswa kabi kakhulu eNingizimu Afrika futhi sisaqhubeka nokuba nomthelela omubi. “INingizimu Afrika inezinga eliphezulu kakhulu lokuphuzwa kotshwala emhlabeni, futhi lokhu kunyukile kule minyaka eyishumi edlule,” usho kanje.
UFutshane ubalule ukuthi utshwala budala u-50% wokufa kwabantu okungezona ezemvelo, u-75% wokubulawa kwabantu, u-60% wezingozi zezimoto, u-24% wokufa nokulimala okuhlobene nezimoto. Ukwengeza, utshwala buyimbangela yesithathu enkulu yokufa nokukhubazeka, ehlobene eduze nokuziphatha okungaphephile kocansi kanye nodlame phakathi kwabantu. Zombili lezi zinkinga zithonywa kakhulu ukusetshenziswa kotshwala.