Ziyanda izigameko zokudlula emhlabeni kwezingane eSOWETO Egoli ngenxa yokuthenga ukudla osekonakele ema Spaza shop abokufika kuleli.
Ababhekele abathengi nokusetshenziswa kwempahla kulesiya sifundazwe sebephume umkhankaso wokugasela kulezi zitolo zabokufika ezisemalokishini ukuze bahlole ukuthi ngabe ngempela izinto abazithengisayo zisesimeni esikahle yini ukuthi zingadayiselwa futhi zisethsenziswe wumphakathi ikakhulukazi lezi ezidliwayo.
Kulomkhankaso bahlangabezane nezimo ezishaqisayo ngalamabhizinisi osekulethe uvalo kwabaningi abasebenzisa lezi zitolo nsuku zonke.
Phakathi kwezinto ezitholakele kulomkhankaso kubalwa ukudayiswa kwempahla esiphelelwe yisikhathi, ukudayiswa kwezinto ezingekho emthethweni nokusolakala ukuthi bayazikhandela, kanye nokungcola njengoba iningi litholakale ukuthi lisebenzisa zona lezi zitolo njengamakhaya noma izindawo zokuhlala. Konke lokhu nokunye okutholakele akungahambisani nhlobo nemigomo ebekelwe loluhlobo lwebhizinisi.
Akucaci ke kahle ukuthi ngabe akhona yini amacala abazobhekana nawo njengoba kutholakale lokhu.
Okubalulekile ke ukuthi singabantu sibhekisise lokhu esithenga kulezi zitolo ngoba kungenzeka uthole izinto ezinobuthi ezingadala izifo emzimbeni wakho okanye usweleke.
We’ve been hearing this for a long time. Secondly, if this continues to happen why can’t their businesses be closed…?