UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal usumemezele ukwelulwa kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP) ukusiza ukuqeda ububha nokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi.
I-EPWP, eyethulwe ngo-2003, ihlose ukudala amathuba emisebenzi yetoho emiphakathini engenamakhono, engasebenzi, empofu kanye nesengcupheni.
UNgqongqoshe uSipho Nkosi ugcizelele umgomo womnyango wokuqinisekisa ukuthi okungenani ilungu lomndeni elilodwa kuwo wonke umuzi liyahlomula kulolu hlelo.
UNkosi uthi, “Siyazibophezela ukuthi sizodala izinkulungwane zemisebenzi ye-EPWP esifundazweni sase-KZN njengoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi eminyakeni emihlanu ezayo. Senza isiqiniseko sokuthi sizoyihlonza imizi lapho kunezinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi ukuze kuqashwe okungenani oyedwa – ukuze abe nokudla etafuleni.”
“Ingaphezu kuka-14 amathuba emisebenzi adaleke ngalolu hlelo eminyangweni emibili okunguMnyango wezokuThutha nowezeMisebenzi yoMphakathi okuyiyona eyethula lolu hlelo eminyakeni emihlanu ezayo,” engeza.