Siphume ngothi lwaso isizwe ukuyoba ingxeye yabazili enkonzweni yokutshalwa kweNkosi yesizwe samaNtungwa, iNkosi Sphamandla Khumalo noNdlunkulu uMaDlamini Khumalo, esigodlweni eQomintaba e-Utrecht namuhla.
Inkosi Sphamandla khumalo udutshulwe wabulawa yena kanye nondlunkulu wakhe ngesonto eliphelile. Kube umunyu wodwa ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yokutshalwa kwenkosi. Lenkonzo ibihanjwelwe ongqongqoshe besifundazwe, amaphini ongqongqoshe kuzwe lonke, amakhosi,izinduna , kanjalo namakhansela.
Inkosi yesizwe sakwa Molefe eNquthu,ebingumngani omkhulu wenkosi uKhumalo ithe sekungamane kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kuka hulumeni nendlu yobuholi bomdabu, ngoba ithi sekukaningi amakhosi ebulawa kodwa uhulumeni uthatha kude ukuphuma nesixazululo ngendaba yokubulawa kwamakhosi.
“uMtungwa ubeyindoda enesibindi kakhulu futhi ebisithanda isizwe saseQomintaba, kodwa uhulumeni azi ukuthi ubehamba nenxeba lesibhamu akukho okwenzile ukumvikela ” kusho iNkosi uMolefe.
Kanti umfowabo wenkosi uMnuz Bongani Khumalo uthe, uyolwa kunqamuke izandla elwela isihlalo saseQomintaba ngoba uyazi ubukhosi bakubo babuthola kanjani. uKhumalo uveze ukuthi bengumndeni bathathe isinqumo sokuthola ummeli uTembeka Ngcukaitobi ukuze uthole izimpendulo ku khomishana wamaphoyisa kwaZulu Natal u General Nhlanhla Mkhwanazi kanye nokhomishana wamaphoyisa kuzwe lonke uFani Masimulla ukuthi kwenzekani ngophenyo lokudutshulwa kwenkosi ngonyaka ophelile lapho eyasinda khona ngokulambisa.
“Akuphelanga namasonto amabili abantu abadubula umfwethu baphuma ngebheyili kodwa namuhla sila sizobeka umfwethu okubuhlungu kakhulu uhambe no ndlunkulu wekhe asazi ke ubani olandelayo manje mhlambe yimi nje kwazi bani? ” kuphetha uKhumalo.
Kuyaxaka okukahulumeni makuza ekuvikeleni umbuso kazulu. Lapha asikhulumi ngento bebengayazi ukuthi iyashunqa!!🤔 kodwa balinde kufe umuntu besebezoziveza njengabanozwelo ekbeni behlulekile ukumvikela. Phumula mashobane kwakubi ke nondlunkulu eshiya abantwana bodwa 💔💔💔💔