UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthi sebeluqalile uhlelo lokuvala ukusetshenziswa kwezibulala-zinambuzane ezikoleni.
Lokhu kulandela ukwanda kwezigameko zezifo ezitholakala ngokudla ezikoleni.
Uhulumeni wesifundazwe saseGauteng umemezele ukuthi zingu-23 izingane ezishonile kulesi sifundazwe ngenxa yezifo ezitholakala ngokudla.
UGwarube usenxuse izikole ukuthi zisuse izibulala-zinambuzane ukuze ziqinisekise ukuphepha kohlelo lwayo lokudla okunempilo.
“Sibambisene noMnyango wezeMpilo ukusho ukuthi sizoba yingxenye yesixazululo neNICD. Sengizovala izibulala-zinambuzane ezinjena ukuthi zingangeni esikoleni ngoba kwezinye izikole zigcina uhlelo lokudla ezikoleni ezikoleni.
Ngisebenzisana noNgqongqoshe Wamaphoyisa kanye noNgqongqoshe Wezempilo abahamba phambili futhi abaholayo kulokhu kodwa nasesikoleni siyaqinisekisa ukuthi siyaluvikela uhlelo lokudla ezikoleni.”