Owokufika kuleli ugwetshwe iminyaka engu-10 ngokugwaza abulale isakhamuzi saseLesotho ngoNovemba 2023 ngemuva kwengxabano endaweni yaseRiverside Industrial ENewcastle kubangwa isoka.
INkantolo yesiFunda eNewcastle ilalele ukuthi uThandeka Myeni nesoka lakhe baba nengxabano bephuzile. Kuze kwangenelela uKhathatso Ratsoeu, emkhuza, ngemuva kwalokho uMyeni wamgwaza esifubeni.
Ngesikhathi besendleleni behamba noRatsoeu beya esibhedlela, uMyeni wazama ukubaleka endaweni yesigameko waphinde wazama ukulahla ummese owagwazwa ngawo.
Nokho usheshe wabanjwa yilabo abazibonele ingxabano base bebizelwa amaphoyisa.
UMyeni waboshwa, kwavulwa icala lokubulala laphenywa uDetective Warrant Officer CJD Meyer.
UMyeni uvele okokuqala enkantolo ngoNovemba 27, 2023, wafaka isicelo sakhe sokuqala sebheyili ngoDisemba 4, 2023. Wanqatshelwa ibheyili njengoba kutholakale ukuthi ungowokufika kuleli ngokungemthetho, nokuyinto emenze waba sengozini yokundiza.
Icala libe selidluliselwa enkantolo yesifunda ngoFebhuwari 23, 2024, laphinde lahlehliselwa uJuni 12 lapho eyolivuma khona icala, lapho uMyeni atholakala enecala lokubulala.
Esinqumweni sakhe, iMantshi Yenkantolo Yesifunda, u-T.C.L. Colditz, waveza ukuthi leli cala ‘lidlange kakhulu eSifundazweni SaseNewcastle, ikakhulukazi endaweni yezimboni, lapho ukungqubuzana kwakuvame ukuvela phakathi kwabasebenzi.
IMantshi uColditz iphawule yathi ukusetshenziswa kabi kotshwala nakho kunesandla kula macala, yaphawula ukuthi ‘impilo yomuntu ayishibhile’.