Uthukuthele ugane unwabu umphakathi waselokishini lakwaMashu eThekwini emva kokutholakala kwamaphilisi ephaketheni lamaSnacks adayisa kwesinye sezitodlwana esiyisiPhaza.
ngokwemibiko kuthiwa enye yezingane ithenge amasnacks kwesinye salezi zitolo ngesikhathi isendleleni ilibhekise esikoleni, nokuthe uma ilivula yathola kunamaphilisi phakathi ephakatheni efakwe namasnacks. Abazali balomtwana bathathe leliphakethe banikela esiteshini samaphoyisa bayobika ngalokhu nokudale ukuthi lesi sitolo sivalwe.
Umphakathi walendawo uvuke indlobane wayalela zonke zitolo eziphethwe abokufika ukuthi zivalwe. Esinye sezakhamizi ezkhulume nabezindaba sithe bazozivala bona lezi zitolo ngoba uhulumeni akenzi lutho,
“Sikahthele manje yilento eyenzekayo kuleli, abantwana bethu bafa ngapha nangapha kodwa uhulumeni wethu akenzi lutho. Kudala sisho sithi akuvalwe lezi zitolo ngoba zidayisa izinto ezingekho esimeni, kodwa akwenzeki lutho, sikhathele manje,” kuchaza lesi sakhamuzi.
okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali u-Athlenda Mathe uthe bayazi ngalesi simo kodwa abafuni ukuphuthuma ukuvula icala yingakho bethathe leli phakethe lamasnacks balihambisa eLebolatory ukuze lihlolisiswe kahle.
Isitolo esithengisele lomtwana lamasnacks sisavaliwe kuze kube kubuya imiphumela yokuhlolwa kwephakethe.