Izikhulu zaseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, sezicele usizo eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Izinhlekelele ezihlobene nesimo sezulu kule minyaka emithathu edlule zishiye umphakathi ukhahlamezeke kakhulu.
IMeya uLindokuhle Shabalala ithi izimvula ezinamandla zakamuva zenze isimo saba sibi kakhulu.
NgoLwesibili ubekhuluma emcimbini lapho kunikezelwe khona ngeloli elithwala amanzi namalambu asemgwaqweni emphakathini wakuWadi 9.
“Sihlaselwe kakhulu yiziphepho nemililo yequbula endaweni yangakithi eNquthu. Kusukela mhla zi-5 kuya ku-8 kuLwezi (November) kulo nyaka, siphinde sahlaselwa yisiphepho, kwalimala imigwaqo yethu.
“Siyamnxusa uNgqongqoshe ukuthi uma kunezimo ezifuze lezi akakhumbule nathi siwumphakathi waseNquthu.