Umkhandlu Ukhahlamba usendaweni yasemakhaya eBergville nethandwa ngabaningi kuleli kanye nabasemazweni angaphandle ngenxa yobuhle bezintaba zokhahlamba kanye nezindawo ezisezingeni eliphezulu zokungcebeleka.
Kamuva nje umkhandlu ukhombise umphakathi uphawu lwawo olusha ezinkundleni zokuxhumana nalapho kugqame izinguquko uma kuqhathaniswa naleli lasekuqaleni.
IPhephandaba lakho elithembekile Uthukela News Times licaphune lowo onguMeya walomkhandlu uCllr Vikizitha Mlotshwa echaza kabanzi ngaloluphawu emsakazweni womphakathi iNqubeko FM uthe, bayathokoza kakhulu njengomkhandlu ukwethula loluphawu ngoba yilo oluchaza kahle lomkhandlu kunaleli lasekuqaleni, uthi ziningi izinto ezinhle esezibolakala kuleli okubalwa nensangu okungenye yezinto abaziqhenya ngayo nezokhulisa umnotho waso Okhahlamba”.
Okunye okubonakalayo kuloluphawu yindlu yesiZulu athi iwuphawu lokuthi loMaspala wakhelwe kakhulu yizindawo zasemakhaya, ihawu kanye namanzi awachaze ngamele umthombo wothukela njengoba sazi ukuthi ukhona kuloyamkhandlu.
Siyalubongela uKhahlamba Local Municipality sengathi lungakhula ngandlela zonke lube luhle kube kuhle babambe iqhaza eliyilo abaholi nabantu bakhona ngokwehlukana