UNgqongqoshe wezaseKhaya u-Aaron Motsoaledi udalule ukuthi uMnyango wabo uphenya izikhulu ezingu-120 ngokubandakanyeka kwazo ekunikezeni izitifiketi zomgunyathi zokuba ngababaleki. Lokhu kulandela ukuthi uMnyango uthole ukuthi umfundisi ongowokudabuka emalawi uShepherd Bushiri wayesebenzisa izincwadi ezingekho emthethweni ngesikhathi ezinze eNingizimu Afrika.
UMotsoaledi uchaze ukuthi iSpecial Investigating Unit (SIU) izophenya ngalolu daba. I-SIU igasele ezikhungweni ezinhlanu zababaleki ezweni lonke ngoLwesihlanu okuhlanganisa noMnyango wezaseKhaya iMarabastad ngenhloso yomkhankaso wokuthungatha nokushaqa amaselula nezinye izinto ezisetshenziswayo njengengxenye yophenyo ngezinsolo zenkohlakalo ezenziwa yizikhulu zoMnyango wezaseKhaya.
“Salunywa indlebe ngalolu daba. Ngabona ukuthi kumele sibize iSIU ngoba ziningi izinto ezidinga ikhono labo. Le nkohlakalo yenziwa yizikhulu zalapha nazo. abokufika abangafanele ukuba seNingizimu Afrika kodwa abanemali eningi yokugwazela.”
UMotsoaledi wengeze ngokuthi le nkohlakalo ihlanganisa nezincwadi ezanikezwa abantu abafuna ukukhoseliswa kusukela ngo-2004.
Lokhu kugasela kuza ngemuva kokuthi i-SIU inikezwe amandla ngoFebhuwari okuphenya ngokuphathwa budedengu nenkohlakalo eminyakeni engu-20 edlule eMnyangweni wezaseKhaya.