Amaphoyisa KwaZulu-Natal adubule abulala abasolwa ababili esigamekweni sokudubulana ngaseMpangeni aphinde abopha abane abamataniswa nezigameko zokugetshengwa kwezindlu esifundeni.
Ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi ojwayelekile ngoMsombuluko, ahlangane neveni emhlophe ipakwe esimobeni ngaku-Old Mtubatuba Road. Ngesikhathi amaphoyisa eqhamuka, abebephakathi bavulela ngenhlamvu, amaphoyisa aphindisela. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi bobabili abasolwa babulawe ngesikhathi bedubulana namaphoyisa, kwatholakala nezibhamu ezimbili ezinezinhlamvu. Uphenyo luveze ukuthi le moto yebiwa ngesikhathi kugetshengwa umuzi KwaMsane ngoNovemba 15. Umufi ubephinde afunelwe icala lokubulala.
Kwesinye isigameko esehlukile amaphoyisa abophe abasolwa abane abamataniswa nezigameko eziningi zokugetshengwa kwemizi ezindaweni ezahlukene eMpangeni, KwaMsane, Hlabisa, Mtubatuba, Richards Bay, naseSikhaleni. Ngempelasonto leli qembu kuthiwa ligasele emzini othile eMazimazana laphoqa izisulu ukuba zingene ekamelweni elilodwa zaphoqa usomabhizinisi ukuthi akhiphe imali ekhonjwe ngezibhamu. Ngesikhathi beboshwa amaphoyisa athole izibhamu ezintathu nezinhlamvu.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-39 babhekene namacala okugebenga izindlu nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngoLwesithathu, Novemba 20, 2024. Kungase kulandele amanye amacala njengoba uphenyo lusaqhubeka.