Uphiko olulwa nezigelekeqe eGauteng lubophe intombazane, 17, ngokuqhumisa isibhamu endaweni kamasipala ngempelasonto.
Intombazane ihanjiswe ejele lezingane iWalter Sisulu kanti amaphoyisa asasithungatha isibhamu. Intombazane iboshwe kulandela i-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana lapho ibonakale idubula emathuneni. Walandelwa umkhondo waboshwa esekhaya. Amaphoyisa athungatha abanye abantu abahlobene nesigameko esifanayo.
Khonamanjalo, sekutholwe izibhamu ezingama-63 kanye nezinhlamvu ezingaphezu kuka-1400 eGauteng kuleli sonto (15 – 21 July).
Lezi zibhamu zitholwe ezifundeni ezinhlanu ngesikhathi kunemikhankaso eyahlukene futhi kumiswa nokuseshwa.
Esinye sezigameko zakamuva lapho kutholwe khona izibhamu sihlanganisa leso lapho amalungu e-AGU ebophe abasolwa ababili eWestbury aphinde athola izibhamu. Abasolwa ababili baboshwe ngoLwesihlanu nangoMgqibelo kanti bobabili basesitokisini samaphoyisa.
Kwesinye isigameko eRossetenville, amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu athola izibhamu ezimbili nemoto eyebiwe kulandela ukuzama ukuduna imoto eRossetenville izolo. Umsolwa oyedwa udutshulwe wabulawa kwathi omunye walimala.
Amaphoyisa ophiko oluhlukene okubalwa i-TRT, K9, Counter intelligence, onogada okubalwa kubo iFidelity, i-DPC tracking team, Tracker, CAP special operations and Gauteng traffic airing abelandela imininingwane ngequlu labasolwa abebegebenga behlomile kule ndawo. Amaphoyisa ahlangane nabasolwa njengoba bematasa beqapha. Kube nesivinini esiphezulu i-Chase kanti amaphoyisa avalela ekhoneni abasolwa e-Oakdene. Abasolwa badubule bebhekise emaphoyiseni namaphoyisa aphindisela.
UKhomishana wesiFundazwe sase-Gauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni ubonge yonke imizamo ehlangene yamalungu ethu nabalingani ekulweni nobugebengu futhi waphinde wathi amalungu omphakathi angaqiniseka ukuthi i-SAPS yaseGauteng izoqhubeka nokuzabalazela ukudala indawo ephephile nevikelekile yazo zonke izakhamuzi zayo.
Zonke izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azihlangene yini namanye amacala abucayi enziwe.
Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi abike ubugebengu esiteshini samaphoyisa esiseduze noma esiteshini samaphoyisa sakwaSAPS ku-08600 10111 noma ashiye indlebe eyimfihlo ku-MySAPS App engaziwa.