Kuboshwe abantu abathathu bokufika kuleli ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso owenziwe ithimba lezinhlaka ezahlukene okubalwa amaphoyisa, onogada abazimele, aboMnyango wezokuThutha kanye nabezoMnyango wezaseKhaya. Lo mkhankaso obusezindaweni ezakhele -iDundee neGlencoe ububandakanya izivimbamgwaqo, kwandiswe nokuqapha enkabeni yedolobhai, emalokishini kanye nasezindawei zasemakhaya.
Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, kugaselwe emashibhini angekho emthethweni, kwase kushaqwa izimpahla ezingekho emthethweni. Amaphoyisa abuye agasela emabhizinisini ehlukahlukene nokuyilapho ethole khona ukuthi elinye lamabhizinisi eliphethwe abokufika kuleli liphinde lishushumbise izidakamizwa. Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS uConstable Siyabonga Nkwanyana ubikile ngokuboshwa kwalaba abathathu, ebalula impumelelo yalo msebenzi.
Ngaphandle kokuboshwa kwalaba bokufika ngokungemthetho, kuboshwe oyedwa ngecala lokushayela ephuzile, abasolwa abane ngokutholakala nezidakamizwa, kwavalwa amashibhi amabili angekho emthethweni, abangu-8 abasebenzisa umgwaqo banikezwa amathikithi okuphula umthetho womgwaqo.