Abezimi eziphuthumayo bathole imibiko yokuginqika kwemoto ku-N3 ngaseTugela Toll Plaza.
Ngesikhathi befika, abezimo eziphuthumayo kutholakale ukuthi ushayeli wemoto encane wehluleke ukuyilawula maqede yaphenduka yashaya ingqimphotho izikhathi eziningana.
Kuthiwa ngesikhathi lemoto iphenduka, abantu abathathu abebekuyo kubandakanya nomshayeli baye baphuma ngamafastela balahleka ngaphandle.
Owesifazane omdala kutholwe ukuthi ulimele kanzima kanti ingane itholwe inemihuzukwana.
Zombili lezi ziguli zitholwe ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba zithuthelwe esikhungweni esiseduze ngaphansi kosizo lwezimo eziphuthumayo ze-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support.
Ngokudabukisayo, umgibeli wesithathu wemoto, owesifazane osekhulile, utholwe elimele kabi kanti kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.
Sikhalisana kakhulu nabangani nomndeni kamufi.
Siyabonga kwa-ER24 ngosizo lwabo endaweni yesigameko.