Imeya kamaspala waseNdumeni UKhansela Siyabonga Ndlovu uzophinde abhekane nesithangami esihlose ukuveza ukungayethembi ngaphansi komasipala iNdumeni kuleliviki eliqalayo ngomhla ka 18 September. Uzokhumbula ukuthi uke wabhekana nesimo esifanayo ekuqaleni kwalonyaka ngesikhathi ilunga leqembu i-ABC lifaka isicelo sokuthi kuhlolwe ukuthi amalungu esigungu samakhansela asamethemba yini ukuthi usakulungele ukuqhoqhoqhobala esobuMeya kulomaspala.
Phakathi kwezinye izinto lesi siphakamiso esisha esizivezayo kubandakanya ukwehlulwa wumsebenzi wakhe wobuMeya, ukungenelela ekuthatheni izinqumo zokusebenza kukamaspala, nokusetshenziswa kabi kwezinsiza zomkhandlu kanye nokweqa Imenenja kaMaspala ngokuziqhashela abantu abazosebenza ehhovisi lakhe. Uphinde asolwe ngokusebenzisa ngokweqile izimoto eziqhashiwe okwenze kugcina kukhokhwe imali ebalelwa kuR450 000 kanye nophethiloli ongaphezu kuka R30 000.