Izinkumbi zabantu baseMnambithi abasebenzisa ugesi wekhadi bashaye ujenga beyobhalisela amamitha amasha kagesi ehholo ledolobha namuhla.
U-Eskom waseMnambithi uvule ihhovisi lesikhashana kuleli hholo emva kokuthi iningi labantu baseMnambithi bekhale ngokuthi mahhovisi alenkampani akude kakhulu. Uzokhumbula ukuthi umnqamula juqu wokubhalisa lamamitha amasha ezigubhu zikagesi ka-Eskom ususondele njengoba ungomhla ka 24 kuLwezi 2024.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Eskom icele izakhamizi ukuthi zihlole futhi zifake kabusha amakhodi azo, njengoba kudingwa yi-Standard Transfer Specification Association (STSA). Ngemva komnqamulajuqu, amamitha amadala ngeke esawamukela amathokheni kagesi ngaphandle uma ebuyekezwa ngeNombolo entsha eyaziwa ngokuthi yi-KRN.
Ngokusho kwabakwa-Eskom, abantu kumele bahlole ukuthi imitha yabo ifakiwe yini ikhodi kabusha yaba yi-KRN2 noma zisaku-KRN1. Faka ikhodi 1844 6744 0738 4377 2416 esigujini sakho sikagesi sakho. Isikrini sizobonisa inombolo 1 noma 2; kwezinye izimo, kungase kube nezinhlamvu ezithile zama-Alphabet eceleni kwenombolo ye-KRN.
Inombolo 1 isho ukuthi imitha yakho isaku-KRN1 futhi idinga ukubhalwa kabusha/ithuthukiswe ibe yi-KRN2.
Uma imitha yakho ingakafakwa ikhodi kabusha, ngeke yamukele amathokheni owathengile futhi izoyeka ukusebenza.