Baqinisile abathi lapho kukhona uthando nendlela ikhona, uGodfrey Maboi, noPaulinah Mogale, benze okungajwayelekile benza izifungo emcimbini womshado obusesibhedlela iFar East Rand Hospital eGoli.
Uhambo lwabo oluya emshadweni lwashintsha ngendlela abingalindelekile ngesikhathi kwenzeka ingozi yemoto ngomhla zimbili kuZibandlela kulonyaka eyaholela ekutheni uMaboi alaliswe esibhedlela.
UMaboi wangena kulengozi ehamba nalabo ababezomphelezela ngosuku lomshado wabo, kuthiwa babephuma ukuyolinganisa lokho ababezokugqoka ngosuku lomshado. Kwaphoqeleka ukuthi umshado uqhubeke noma engekho esesibhedlela ngoba isiko labo luthi umshado awuhlehli. uMaboi wayemelwe yindodana yakhe emshadweni owabe usekhweni lakhe eMpumalanga yena ayeyinxenye yawo ngohlelo lwa-online elele esibhedlela.
Laba ababili banquma ukuthi umcimbi wezifungo bawenzele khona esibhedlela ngoba uMaboi nakhu usabambekile impela. Ngempela bakhulume nabaphathi besibhedlela kwahlelwa. Onesi kanye nabasebenzi bakulesi sibhedlela babe yinxenye yokuboshwa kwalelifindo.
“Bekuwusuku lwami olukhulu futhi akukho okungivimbile ukushada isithandwa sempilo yami. Bengicabanga ukuthi ngeke ngilubone lolu suku ngemuva kokulaliswa esibhedlela, nokho abaphathi besibhedlela bangenze ngakwazi,” kusho uMaboi.
“Sijabule kakhulu ngokuthi abaphathi besibhedlela benze usuku lwethu olukhulu lube impumelelo ngokusinikeza ithuba lokubopha ifindo likasofa silahlane esibhedlela,” kusho lezi zithandani. Bengezelele bathi lolu yilanga abebelulangazelele kusukela bathandana besakhula.
.