Uhluleke nokuzibamba umphakathi wasendaweni yaseSigodlweni eMtshezi ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha umgwaqo kulendawo.
Lendawo engaphansi kukaward 18 ngaphansi kukamaspala iLangalibalele esifundeni sasoThukela oholwa iMeya uKhansela Mduduzi Myeza ibisihlale iminyaka inenkinga yemigwaqo engemihle obekwenza kube nzima kakhulu ukunyakaza ikakhulukazi uma izuku linile. Kubukeka engathi zizosuleka izinyembezi zalezi zakhamizi njengo iMeya yethule usonkontileka ozokwakha umgwaqo ozodla isamba sika 29 Million. Loluhlelo lomgwaqo ubude balo lungu 9 km, okubandakanya u-3 km oyitiela kanye no 6 km womgwaqo owubhuqu.
IMeya yethula inkulumo yayo phakathi kwezinkumbi zabantu abebegcwele ihholo lomphakathi ithe inhloso yayo ukwenza izimpilo zabantu zibe ngcono,”Inhloso yami yinye nje, ukwenza izimpilo zabantu baseLangalibalele zibe ngcono. Angifuna namhla ngehla esikhundleni subuMeya enangibeka kuso ngibe namhloni okunibheka. Minangisebenzela nina, futhi ngilalela nina,” kuchaza iMeya.
Umeya uphinde wamemezela ukuthi bangu-20 abantu abazoqhashwa kuloluhlelo okulindeleke ukuthi lithathe unyaka wonke. Kunxuswe abantu ukuthi banakekele indawo lapho kuzobekwa khona impahla yokusebenza, “asilindele ukuzwa ukuthi sekwebiwe impahla yokusebenza nikhona niwumphakathi ngoba yinto yenu lena ezokwakhiwa lana, kumele niyigade. Bazoqhashwa vele onogada abazoyiqapha, kodwa lokho sikwenzela nje ukudala amathuba emisebenzi, silindele nina njengomphakathi kube yini eninakekela lempahla.” Imeya iphinde yathembisa lomphakathi ukuth izobuya izokwakha izinkulisa ezimbili ngoba uyabona ukuthi iyadingeka.