Umholi weNkatha Freedom Party, uVelenkosini Hlabisa, uthe abanalo ithemba lokungena kumadlelandawonye ngemuva kokhetho lukazwelonke. Alikho iqembu elikwazile ukuzuza iningi eliqondile, okusho ukuthi uhlobo oluthile lomfelandawonye kuzodingeka luhlanganiswe ukuze kwakhiwe uhulumeni kazwelonke.
Iqembu lithole amavoti angaphezu kuka-600,000 kuzwelonke uma kuqhathaniswa nama-588,839 (3.38%) ngo-2019.
UHlabisa uthe inhloso yeqembu wukwehlisa i-ANC ngaphansi kuka-50%.
“Kuke kwaba nendaba yokuthi iqembu elisha lezepolitiki, iMK, linikeze isikhathi esinzima kuwo wonke amaqembu ezepolitiki.
“Iqiniso elaziwa yinina nonke ukuthi i-IFP ayizange ithintwe yiMK manje sesidlule izibalo esazithola ngo-2019 ngesikhathi sokhetho lukazwelonke.”
UHlabisa ukushayele ihlombe ukukhula kweqembu lakhe uma kuqhathaniswa namavoti adlule.
“Nathi seseqile izibalo esazithola ngo-2021 ngakho isisekelo sethu siqinile, ngeshwa ngamanye amaqembu ahlukumezeke kakhulu.
“I-IFP, ngokwezibalo, cishe kuzoba yiyona kuphela inhlangano, enyuse isibalo sabavoti ngokwezibalo nangamaphesenti.”