IMeya inikelele umndeni wakwaDubazane endaweni yaseMahhashini elokishini laseWembezi ngendlu enamagumbi amane.
Lomndeni obusuhlala phansi kwezimo ezibucayi emva kokuthi indlu yawo yadilika kuhlasele izimvula nezikhukhula eminyakeni edlule. UMnumzane Dubazane nowakwakhe bamukele lendlu kwiMeya yaseLangalibalele Municipality Ikhansela Mduduzi Myeza.
uMyeza obehambisana nephini lakhe uMnu.Sithabiso Dladla nezinye izikhulu zomkhandlu, bavakashele lomndeni izolo bewuphathele negilosa. iMeya ithi yathinteka ngesikhathi yethula uhlelo lwe-IDP kulendawo izwa kuthiwa lomndeni uhlala ngaphansi kwezimo ezibucayi,”Ngathinteka kakhulu yisimo salomndeni, ngafunga ukuthi nakanjani ngizolenza icebo,” kuChaza iMeya.
Lendlu iphinde yafakwa ifenisha kuwo wonke amagumbi kusuka ekhishini, endlini yokuphumula kanye namakamelo amabili okulala. uNkosikazi Dubazane ubonge wanconcoza kwiMeya kanye noMasipala waselangalibalele ngalesi senz,”Bese silala kabuhlungu indlu ivuza uma lina izulu. Singenazo nezingubo zokumbatha sizifudumeza ngoplastiki. Siyabonga kakhulu kubaba uMeya nakuMaspala waseLanga Libalele.” Kuchaza uNkosikazi Dubazane