Umphakathi wase Mnambithi ugubhe iminyaka engamashumi ayisikhombisa kwavuselelwa umkhosi weLembe kwaZulu.
Izindawo ezakhele uMnambithi zibe nalomgubho ngezindlela ezihlukene njengoba bekuvunywa ingoma kuhutshwa amahubo kudliwa ukudla kwesintu kuphinde kufundiswane ngomlando kaZulu. Kanjalo nemukhuba nemiKhosi kaZulu ehlukene.
Kanti endaweni yese Roosboom eGudlintaba kube nomcimbi lapho bekuhlangene khona intsha nabadala bevuma ingoma bedla ndawonye befundisana ngomlando wendawo yase Roosboom nokunye.
Umhleli walo mcimbi ikhansela lendawo uMnuz Sphamandla Khumalo uthe ukubona umphakathi wase ndaweni ubumbene ujabule lokho kukhomba ukuthi isintu singahamba ibanga elide ukwakha isizwe esinothile.
Endaweni yase Burford ukhansela wendawo uMnuz Mthokosizi Khoza kanjalo nomhleli womcimbi oba mnyaka yonke eMnambithi i 150 Maskandi festival uMnuz Sihle Cindi uthi bona bahlanganise itsha yase Burford lakhona beyikhipha amakhono ngomculo wesintu nangomlando nje.
Ukhansela Mthokosizi Khoza uthi intsha yase Burford nesazindaweni eziseduzane ithi isicele kube nendumezulu kashameni lapho kuzohlanganiswa zonke izindawo zase Mnambithi ziqhudelane.
UKhoza uveze ukuthi useze wakhuluma noCindi kanjala namanye amakhansela nobuholi bamaspala ukuthi ngeke kwahlelwa yini into enjalo ngoba kuhle uma itshe izikhulumela.
Kanti iqembu leNkatha nalo belinomcimbi ofanayo elokishini lase Steadville la bekuhlangene amaqembu engoma kanjala nezicathamiya.
Kanti intsha ithi iyafuna zibuyele emasisweni lapho kuzoba khona uhlelo oluqondile lwengoma kuhlangane zonke izigodi ezingaphansi kukumaspala wase Alfred Duma.