ISouth African National Defence Force (SANDF) ngoLwesibili ikuqinisekisile ukushona kwesosha eDemocratic Republic of the Congo. Isosha elishonile belijutshwe eDemocratic Republic of Congo njengengxenye ye-United Nations MONUSCO, asebeqalile ukuphuma endaweni ekhungethwe yizimpi empumalanga yezwe.
Alinganiselwa ku-2 900 amanye amasosha aseNingizimu Afrika atshalwe e-DRC njengengxenye yombutho wamasosha ase-Southern African Development Community (SADC) athunyelwe ukusiza uhulumeni ukulwa namavukelambuso e-M23.
Ngokusho kweNhloko yezokuXhumana kwe-SANDF, uSiphiwe Dlamini, isosha lishone ngesikhathi kuqhuma ibhomu lesandla eduze nezindawo zokulala.
“Akukacaci ukuthi yini edale ukuthi ibhomu lesandla liqhume.Kodwa-ke kuzobizwa ibhodi lophenyo le-SANDF, okuhlanganisa nezikhulu ze-United Nations, ukuze kuphenywe ukuthi kwenzekeni ngalesi sigameko.
“Igama likamufi lizomenyezelwa uma sekuphothulwe zonke izinhlelo zokubuyisela isidumbu sakhe ekhaya futhi nomndeni wakhe wazisiwe ngokudlula kwakhe.”
UDlamini uthi uNgqongqoshe wezokuVikela kanye nomakadebona bezempi, u-Angie Motshekga, udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi.