Uphiko lomasipala waseMngeni olubhekele izinhlekelele luhlangene nezinhlangano ezisiza umphakathi ezingenzi inzuzo iGift of the Givers, I-Al-Imdaad Foundation kanye no-SASSA, ukulekelela izakhamuzi ezikhahlanyezwe yizinhlekelele emijondolo yase-Esitendini kuWadi 3 lapho kwasha khona imijondolo yashiya dengwane abantu abangu-267.
Abakhahlemezekile basizwe ngezingubo zokulala ezingu -40 nezipontshi ezingu-40 nguMasipala waseMngeni, kwathi i-Al-Imdaad yasiza ngamaphakethe okusiza kwezenhlanzeko angu-60 nezingubo zokulala ezingu-50, kwathi iGift of the Givers yasiza ngamaphakethe okudla angu-67 kwathi isifunda uMgungundlovu sasiza ngezingubo zokulala ezinga-40 nezipontshi ezingu-40. I-SASSA isize izakhamuzi ezingu-70 ezasala dengwane ngamavawusha okudla abiza u-R2281 lilinye.
Emjondolo wakuWadi 01 eThokoza Phase 2 uMasipala waseMngeni usize lapho kushe khona imijondolo emine, kwasala abantu abayisithupha dengwane kwathi oyedwa walimala, ngezipontshi nezingubo zokulala kwathi inhlangano engenzi inzuzo Ubuhlebenkosi Support Group esebenza khona kulesigcemeni yasiza labo abathintekile ngesobho.
KuWadi 05 endaweni yaseKarkloof uMasipala waseMngeni usize lapho uphahla lwendlu lucekeleke phansi ngenxa yomoya onamandla. UMasipala usize ngoplastiki bokufulela.
Esigcemeni sakwa Ward 11 endaweni yase Korea uMasipala waseMngeni usize lapho umlilo uhlasele ibhilidi elingaphandle. Kulimale umuntu oyedwa kulesi sigameko kanti uMasipala usize ngezipontshi nezingubo zokulala kubantu abathathu.
Emjondolo wakuWadi 01, eShiyabazali, kukhahlamezeke abantu abathathu ngesikhathi kuphephuka uphahla lwemijondolo yabo ngenxa yomoya onamandla, uMasipala wabasiza ngoplastiki bokufulela.
Umkhandlu waseMngeni unxusa bonke abantu ukuthi baqaphele ngesikhathi sesimo sezulu esingesihle nokuthi baqaphele bangabi budedengu okungaholela ekutheni kuqubuke imililo.