UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usexwayise ngokuthi angase avale izikole zokusoka kuMasipala wesiFunda Amathole, Chris Hani, Alfred Nzo kanye ne-OR Tambo uma kuqhubeka ukufa kwabafana.
Selokhu kuqale isizini yasehlobo, okungenani bangu-28 abafana asebeshonile e-Eastern Cape ngesikhathi somkhosi wamaXhosa wokusoka. Kule minyaka eyisithupha edlule bangaphezu kuka-250 abafana asebeshonile esifundazweni ngemuva kokufunda ezikoleni zokusoka.
UHlabisa usenxuse ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo nabaholi bendabuko ezindaweni ezishisayo okubalwa uMthatha, Lusikisiki, Port St Johns, Butterworth, kanye neDuncan Village, ukuze kutholwe izisombululo zokugwema lokhu kufa.
Ugxeke izikole ezingekho emthethweni, wathi, “Ayikho iphrothokholi elandelwayo. Abanye abantu abaphethe lezi zikole bathanda imali kuphela, hhayi impilo yezingane. Njengoba sesisondele isikhathi sasebusika, ngeke sibekezelele izikole ezingekho emthethweni.”
UNgqongqoshe unxuse abaholi bendabuko ukuthi basebenzisane ukunqanda ukushona kwabantu futhi baqinisekise imikhuba ephephile.