KWETHULWE UHLELO LOKULEKELELA IZINKULISA KUMASIPALA WASE-MFOLOZI

UMasipala waseMfolozi oholwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu,wethulwe ngempumelelo uhlelo lokulekelela izinkulisa,ngesikhathi ubuholi buhambele kuward-12 eMakhwezini kanye nenhlangano i-Ukuyakhanya Organisation namuhla mhlaka 09 May 2026. Lomcimbi obuhlanganise abaqapha izingane ezinkulisa, iminyango esebenza ngezingane okubalwa owezinkulisa kowezeMfundo, uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi, abakwaSAPS , izinduna, abakwa-Home Affairs,abazali noMasipala waseMfolozi. Lunike abazali nabanakekela izingane ithuba lokuthola usizo lokwelulekwa ngokomqondo nangokuthi…

Read More

KUPHOTHULWE IMIHLANGANO YE-IDP NAMUHLA NGAPHANSI KUKAMASPALA I-ALFRED DUMA

Amalungu omphakathi avela kuCentral Cluster — okubalwa kuwo amaWard 09, 10, 11, 12, 13, 20, 21, 22, 23, 24, 25 nengxenye yeWard 26 — aphume ngobuningi bawo ahlangana ehholo ledolobha Umnambithi emhlanganweni wokugcina wohlelo lwe-IDP/Budget Consultation Roadshow kaMasipala wase-Alfred Duma Local Municipality. Lo mhlangano uhlanganise amakhansela kamasipala aholwa yiMeya, uKhansela Zama Sibisi, izikhulu zikamasipala kanye…

Read More

KUGWAZWE KWABULAWA UMFUNDI EJOSEPH SHABALALA SECONDARY

SCHOOLKushone umfundi wase-Joseph Shabalala Secondary School eMnambithi ngemuva kokugwazwa namuhla ntambama ngesikhathi kuphuma isikole. Ngokwemibiko yokuqala, kuthiwa lesi sigameko sihlobene nezingxabano zamaqembu abafundi, njengoba kubikwa ukuthi bekunamaqembu alwayo ngesikhathi kwenzeka ukugwazwa.Kuthiwa umfundi ugwazwe phakathi nalezi zingxabano, washona ngenxa yamanxeba awatholile. Okwamanje akukacaci ukuthi kukhona yini asebeboshiwe mayelana nalesi sigameko, kanti nesikole asikakhiphi isitatimende ngokusemthethweni. Amaphoyisa…

Read More

ABAHWEBI BOKUFIKA BANIKWE IZINSUKU EZINGAMA-21 EMTSHEZI UKULUNGISA AMAPHEPHA

UMeya kaMasipala i-Inkosi Langalibalele Local Municipality, Mduduzi Myeza, uthi abahwebi bokufika abaseMtshezi banikwe izinsuku ezingama-21 ukuthi balungise amaphepha abo asemthethweni noma babhekane nezinyathelo zomthetho. UMeya uveze lokhu emhlanganweni obubanjwe nabahwebi bokufika, lapho bekubuyekezwa khona isimo kulandela ukuvalwa kwezitolo zabo ngesikhathi semashi mhla zingama-24 kuMbasa. Uthe bonke abahwebi abasebenza ngaphansi kukamasipala kumele balandele imithetho nezimiso ezikhona….

Read More

KUBANJWE NGEMPUMELELO UMKHANKASO WOKUQWASHISA NGOKUTHUTHWA KWENDLE EMADLANGENI

Kubanjwe umkhankaso wokuqwashisa njengengxenye yokugubha iNyanga Yezokuthuthwa Kwendle, kuMasipala Wesifunda Amajuba, ngokubambisana noMnyango Kazwelonke Wezamanzi Nezokuthuthwa Kwendle. Lokhu kuza nje inyanga uNhlaba yaziwa njengeNyanga Yezokuthuthwa Kwendle, okuyisikhathi lapho uHulumeni enza imizamo ephokophele ekukhuliseni ulwazi ngomsebenzi wokuhlanzeka, izindlela ezifanele zokusebenzisa izindlu zangasese, kanye nokubaluleka kokongiwa kwamanzi emphakathini. Lomkhankaso wokucobelelana ngolwazi ububanjelwe erenki yaku Masipala wase Madlangeni,…

Read More

AMAPHOYISA ATHOLE IZIDAKAMIZWA EZIBIZA U-R13 MILLION ECHWEBENI LASETHEKWINI

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqhubeka nokusesha abasolwa ngemuva kokutholakala kwe-cocaine elinganiselwa ku-R13 million ngesikhathi somkhankaso wobunhloli eDurban Habour ngoLwesibili mhla zi-5 kuNhlaba 2026. Ngokwesitatimende se-South African Police Service KwaZulu-Natal, lolu phenyo luqale ngemuva kokutholakala kwezidakamizwa eGauteng ngo-Ephreli, lapho kwavela khona ulwazi lokuthi izidakamizwa zingena kuleli ngeDurban Harbour. Abezobunhloli babe sebeqala ukugada imikhumbi ethile okusolakala ukuthi iyasetshenziswa kule…

Read More

UTHI WAYEZIVIKELA UMLISA OSOLWA NGOKUBULALA UMUNTU PHAMBI KOMPHAKATHI

Umlisa waseCopesville eMgungundlovu, uNkosinathi Majola (39), obhekene necala lokubulala ngonya omunye umlisa phambi kwezingane nomphakathi, uvele eNkantolo kaMantshi ePietermaritzburg ngoLwesibili, uthi konke lokhu akwenza wakwenza ngoba ezivikela. UMajola usolwa ngokubulala uSanele Mbanjwa emikhukhwini yaseMason mhla zi-3 kuNhlaba. Inkantolo itshelwe ukuthi uMbanjwa wabona abantu ababexabana wazama ukungenelela nokwathi uma ebona ukuthi lengxabano inoSanele, wabuyela ekhaya wathatha…

Read More

I-IFP IMISE UMHOLI WENTSHA E-KZN EMVA KOKUPUTSHUKA KWENKULUMO EQOSHIWE ESOLWA NGOKUPHEHLA UDWESHU EQENJINI

Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) limise ngokushesha uSihlalo we-IFP Youth Brigade KwaZulu-Natal, Mncedisi Maphisa, kanye noLindi Ndlovu, kulandela udaba lwengxoxo eqoshiwe esabalale ezinkundleni. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iNEC yeqembu ibambe umhlangano okhethekile ngoLwesibili ukuze ibheke le ndaba. UMkhulumeli we-IFP, Mkhuleko Hlengwa, uthe uMaphisa uqinisekisile ngokubhala ukuthi izwi eliku-audio elisabalale ngelakhe, okwenze iNEC yanquma ukummisa. Ngokwesitatimende,…

Read More

UNGQONGQOSHE WEZOMNOTHO UVELE I- ONE STOP SHOP ENTSHA E DUNDEE

uNgqongqoshe wezokuthutha kwaZulu-Natal uMfundisi Musa Zondi uvule ngokusemthethweni ama hhovisi i-one stop shop ezosiza abafuna ukuvula amabhizinisi eDundee. Le one stop shop yophiko loMzinyathi Development Agency iqoqela eduze zonke izinhlaka ezidingekayo ukuze umuntu aqale noma avule ibhizinisi. Lezi nhlaka kubalwa i-CIPC , Sars , Labour, KZN growth fund, lthala ukukha nje phezulu. Lolu phiko luvulwe…

Read More

ISEXWAYISO SESIMO SEZULU ESIBI KWAZULU-NATALI KULELIVIKI

I-South African Weather Service isikhiphe isexwayiso seYellow Level 4 ngezulu elibi elilindelekile eKwaZulu-Natal kusukela ngoLwesibili mhla zi-5 kuNhlaba 2026 ngo-12:00 kuze kube uLwesithathu mhla zi-6 kuNhlaba. Lesi sexwayiso sihlobene nokudlula kwe-cold front kanye nesimo esaziwa nge-COL (cut-off low), okulindeleke ukuthi kudale imvula eningi, iziphepho ezinamandla kanye nomoya onamandla ezindaweni eziningi zesifundazwe. I-SA Weather Service inxuse…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved