SIFUNA UKUZIFIKELA NGQO ENYASENI – MARCH & MARCH

Imashi ye-“March And March” ibanjelwe e-Mnambithi namuhla, lapho ababhikishi beqale khona e-Illing Road baya e-Kandahar Sports Ground. Le mashi ihehe abantu abavela ezindaweni ezahlukene zaseMnambithi futhi ibiqashelwe kakhulu ngamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi akukho ziphithiphithi ezenzekayo. Nakuba imashi idlule ngokuthula, ababhikishi bebeqhubeka bememeza besho ukuthi “Sifuna ukuya eNyaseni,” okuyindawo yokucima ukoma okusolwa ukuthi iphethwe ngabokufika. Ababhikishi basole…

Read More

KUBOSHWE OWESILISA(57) EDUNDEE NGECALA LOKUTHUMBA

Amaphoyisa aseKwaZulu-Natal asindise umshayeli weloli obegetshengwe wathunjwa emgwaqeni u-R68 phakathi kwe-Dundee ne-Nquthu ngoLwesine ntambama. Ngokusho kwe-South African Police Service, umshayeli kanye nomsizi wakhe babehlaselwe abantu abangaziwa ababehamba ngemoto ebomvu yohlobo lwe-sedan. Kuthiwa laba basolwa baqale badubula iloli, okwaphoqa umshayeli ukuthi ame. Umsizi wakhe ukwazile ukubaleka, kodwa umshayeli waphoqwa ukuthi angene emotweni yabasolwa. Omunye wabasolwa wabe…

Read More

UNGQONGQOSHE UVIKELE ISINQUMO SAKHE SOKUGIXABEZA ONDLUNKULU BAMAKHOSI NGEZINSIZA ZOKUQALA AMABHIZINISI

u-Thulasizwe Buthelezi, ongungqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, usephinde wavikela ukusetshenziswa kwemali yomnyango wakhe kumakhosi ngesikhathi kunikezwa imishini yebhizinisi kubaholi bendabuko esifundeni sasoGwini District. Lo mcimbi ububanjelwe eNkanini Sports Complex e-uMzumbe ngoLwesibili, lapho amakhosi angu-43 kanye nezindlovukazi zawo bethole khona impahla yokuthuthukisa amabhizinisi nezinhlelo zokuziphilisa emiphakathini yabo. Imishini enikeziwe ibandakanya amafriji ahambayo, amatende kanye…

Read More

BAKHALA NGOKULOVA KOTHISHA ABAFUNDI BASEMNAMBITHI TVET COLLEGE

Abafundi base-Mnambithi TVET College ekhampasini esedolobheni babambe umbhikisho besuka kuSettlers Drive baya emahhovisi ekolishi akuMurchison Street, lapho bebehambisa khona imemorandamu equkethe izikhalo zabo. Abafundi bathi babhekene nezinkinga eziningi eziphazamisa ukufunda nekusasa labo. Phakathi kwezikhalo ezikulosomqulu kubalwa ukunganikwa amathuba e-inservice training, okuyinto abathi ibenza kube nzima ukuthola ulwazi lomsebenzi oludingekayo ukuze baqasheke. Baphinde bakhala ngezindawo zokufundela…

Read More

UNQUME UKUZILUNGISELA WONA UMGWAQO UMPHAKATHI WASEROOKDALE

Umphakathi waseRookdale Endala, endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNkomfeni eBergville, ucele ukuzwa kuMeya woMasipala wasoKhahlamba, Vikizitha Mlotshwa, mayelana nokuthi akukho yini ukwesekwa abangakuthola emva kokuthi uzithathele wona isinqumo sokulungisa umgwaqo obunesikhathi eside uhlupha izakhamuzi. Abantu bendawo bathi sekuyiminyaka behlushwa yilesi simo, ikakhulukazi uma lina njengoba izimoto zigcina zingasakwazi ukuwela ngenxa yesimo esibi somgwaqo nomfula oseduze. Lokhu kuphoqea…

Read More

SEKUSHISWE IZIGUGUZA ZOSONTONTILEKA WOMGWAQO KWAHLATHI

Kushiswe izigugula zosonkontileka obephethe umsebenzi wokwakha imigwaqo endaweni yakwaHlathi, umsebenzi okuthiwa awukaze uqale ngokuphelele. Kubikwa ukuthi imigwaqo uP361, D1290 kanye noD872 sekunesikhathi eside ibhekene nezinkinga, kanti umsebenzi wokuyilungisa umile. Abanye babasebenzi bathi ukusebenza kumisiwe ngenxa yokuthi usonkontileka akakakhokhelwa imali yakhe umnyango kahulumeni. Intukuthelo yomphakathi wezindawo ezakhele iNdaka iza ngemuva kwemibhikisho eqhubekayo yamanzi kulezi zindawo. Abanye…

Read More

I-UITVAL ITHI AKUSEBENZI LUTHO INGAKAXAZULULWA INKINGA YAMANZI

Kuphazamiseke ukusebenza endaweni yase-Uitval eMnambithi ngoLwesithathu ngenxa yesiteleka somphakathi esiqhubekayo mayelana nenkinga yamanzi. Abahlali bathi akukho okuzokwenzeka kule ndawo kuze kube uMasipala uThukela uyalungisa udaba lwamanzi asehlale eyinkinga emphakathini. Lesi siteleka, esiqale izolo, sidale ukuthi kuvalwe amabhizinisi enxanxatheleni yezitolo iKwaSigweje Shopping Centre, kwaphazamiseka nokuhamba kwezimoto emgwaqweni omkhulu uHelpmekaar Road, ohlanganisa i-Uitval nezinye izindawo ezakhelene nayo…

Read More

IZIGEBENGU ZISEBENZISA ABANTU ABAKHUBAZEKILE UKUDAYISA IZIDAKAMIZWA EPIETERMARITZBURG

Sekuvele izinsolo zokuthi amaqembu adayisa izidakamizwa asebenza eMgungundlovu asebenzisa abantu abakhubazekile ukuthutha nokudayisa izidakamizwa ezindaweni ezifana nase-Edendale nase-Ashdown. Abaholi bomphakathi bathi laba bantu abasengozini bayakhohliswa futhi basebenziswe “njengezihlangu” ukuze izigebengu zingabanjwa kalula ngamaphoyisa noma zisolwe emphakathini. I-Community Policing Forum (CPF) yase-Edendale ithi seyithole imibiko eminingi evela emphakathini mayelana nalolu daba. Ilungu le-CPF lithi ukuhweba ngezidakamizwa…

Read More

UMPHAKATHI WAKWASHANGELA UTHI USUKHATHELE UKUPHUZA AMANZI EMAXHAPHOZINI NEZINKOMO

Umphakathi wakwaShangela eMnambithi uthi usukhathale ukuphila ngaphandle kwamanzi ahlanzekile njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20 bengawatholi amanzi ahambayo. Abahlali bathi baphoqeleka ukuphuza amanzi asemxhaphozini kanye nezinkomo zabo ngenxa yokungabi bikho kwamanzi kulendawo. Umphakathi uthi sekunesikhathi eside ucela usizo kodwa akukho ushintsho olwenzekayo. Bathi lesi simo senza impilo ibe nzima kakhulu kubantu abadala, izingane kanye nezilwane. Bathi…

Read More

BAGIXABEZWE NGEZINSIZA ZOKUQALA AMABHIZINISI ONDLUNKULU BASESIFUNDENI UGU

UMzumbe – UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uhambise ngokusemthethweni izinsiza zokuthuthukisa umnotho kumakhosi angu-43 kanye noOndlunkulu esifundeni sase-Ugu. Lo mcimbi obubanjelwe eNkanini Sports Complex uhanjelwe abantu abangaphezu kuka-2 000, lapho amakhosi ethole khona izinto okubalwa kuzo izinto zokuphekela imicimbi, amafriji ahambayo, amatende nezihlalo. UMEC Buthelezi uthe lolu hlelo luhlose ukusiza…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved