KUSHAYELWE IHLOMBE UMSESHI OGOJELE ABADLWENGULA INTOMBAZANYANA KWAHLATHI

UKhomishana wesifunda sasoThukela District uMajor General TE Gonya uncome umsebenzi kaSergeant ZL Shezi(Osesithombeni) ngokuphothula uphenyo oluholele ekutheni amadoda amathathu agwetshwe yiNkantolo yaseZakheni ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17. Lesi sigameko senzeka ngo-Ephreli 2024 endaweni yakwaHlathi eMnambithi lapho isisulu kuthiwa sasisendlelwni eya ekhaya ngezinyawo. Kubikwa ukuthi amadoda amathathu asilandela ngaphambi kokuba omunye wawo akhiphe isibhamu bamphoqa ukuba…

Read More

UNGIZWE MCHUNU UPHIKA UKUTHI ABOKUFIKA BABANDAKANYEKA EKUSHISWENI KOMUZI WAKHE

Isishoshovu esilwela ukuthi abokufika abangekho emthethweni baphume eNingizimu Afrika, Ngizwe Mchunu, siphike izinsolo zokuthi abokufika yibona abathinteka ekushisweni komuzi wakhe oseMadundube eMbumbulu ngeSonto ntambama. UMchunu uphinde wakuphika ukuthi nguyena qobo oshise umuzi wakhe, ethi ngokwesintu umlilo uwulaka futhi ubengeke awenze lowo mkhuba emzini wakubo. Uthe izinsolo zokuthi uzishisele yena umuzi ukuze athole uzwelo noma uxhaso…

Read More

NDUNANKULU WAKWAZULU-NATAL USHAYELE IHLOMBE IDURBAN CITY NGOKUQOPHA UMLANDO NGE-NEDBANK CUP

UNdunankulu waKwaZulu-Natal Thami Ntuli kanye noNgqongqoshe Wezemidlalo, Amasiko nezobuCiko Mntomuhle Khawula bahalalisele iqembu le-Durban City FC emcimbini obubanjelwe eThekwini kulandela ukunqoba kwalo indebe ye-Nedbank Cup. IDurban City FC ibe yiqembu lokuqala KwaZulu-Natal ukunqoba le ndebe kusukela yasungulwa eminyakeni engu-17 eyedlule. Iqembu lishaye TS Galaxy ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu. USihlalo weqembu Farook Kadodia uthe ujabule kakhulu…

Read More

UVUKE UMBHEJAZANE WAVALA IZIPHAZA EZISOLWA NGOKUTHENGISELA IZINGANE IZIDAKAMIZWA UMPHAKATHI WASEMOOI RIVER

Kube nokungezwani eMooi River ngoMgqibelo ngesikhathi izakhamizi zithatha umthetho ngezandla zazo zavala ama-tuckshop okusolwa ukuthi adayisa izidakamizwa ezindaweni zasePhumlasi naseBruntville. Lokhu kulandela ukuboshwa kowesifazane waseLesotho oneminyaka engu-48, uMampokase Elizabeth Kao, ovele eNkantolo yaseMooi River ngesonto eledlule ebhekene namacala okubnjwa nensangu nokwehluleka ukuveza amaphepha asemthethweni okuhlala eNingizimu Afrika. Okhulumela amaphoyisa esifunda saseuMgungundlovu, uSergeant Sifiso Gwala, uthe…

Read More

IMARCH AND MARCH IZOBE ISEMNAMBITHI NGOLWESIHLANU

Inhlangano elwisana nabakuleli ngokungekho emthethweni iMarch And March izobe iseMnambithi e-Illing Road ngoLwesihlanu. Ngokusho kuka Pretty Mbuyisa, onguCoordinator weMarch and March eMnambithi, lenhlangano izoba nomkhankaso wokuhlanza ku-Illing Road ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Immigration Office, LED kanye noMnyango Wezabasebenzi (Labour). Unxusa umphakathi ukuthi uhlanganyele nabo njengoba besebenzela ukwenza idolobha lihlanzeke futhi liphephe kubo bonke abantu.

Read More

SINCISHISIWE ISIBALO SABAZOHOLA I-ANC E JOSIAH GUMEDE REGION

Ngemuva kokuthi unobhala jikelele we-African National Congress uFikile Mbalula ememezele uhlu lwabaholi besikhashana besifundazwe (PTT), sekuphinde kwehliswa nenani lamalunga azohola ezingeni lama-Regional Task Teams (RTT) KwaZulu-Natal. Ngempelasonto, i-ANC yethule ubuholi besikhashana bezifunda ezahlukene, lapho kubonakale khona ukuncishiswa kwesibalo samalunga uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule. Esifundeni saseJosiah Gumede, ubuholi buzoholwa ngu: • Malombo Xaba njenge-Convenor • Bongani…

Read More

IQEMBU LOMKHONTO WESIZWE LAMUKELE AMALUNGA AMASHA E-ALFRED DUMA LOCAL MUNICIPALITY

Iqembu le-uMkhonto weSizwe Party ngaphansi kobuholi bukaNkosinathi Mchunu njengomgqugquzeli omusha (Convenor), lamukele amalunga amasha avela emaqenjini ahlukene ezepolitiki okubalwa kuwo i-ABC, Economic Freedom Fighters kanye ne-African National Congress. Lamalunga avela kuWard 32 ngaphansi kwe-Alfred Duma Sub-region, lapho iqembu lithe lokhu kuyisibonakaliso sokukhula nokwanda kokwesekwa kweMKP emphakathini.

Read More

ISIKOLE SASEZAKHNEI SIKHALA NNGEPAYIPI ELIFAKA IZINSWELABOYA ESIKOLENI

Isikole samabanga aphansi i-Gqama Primary School esizinze esigcemeni sakwa-A Ezakheni sicela usizo ngokuphuthumayo mayelana nepayipi elikhulu elisuka emgwaqeni lingene ngaphakathi esikoleni. UMnu Mabele onguthishanhloko walesi sikole uthi leli payipi selisetshenziswa abantu abangena ngokungemthetho okubalwa kubo izinswelaboya kanye nezigebengu ukuze bangene bazoganga esikoleni. Uqhube wathi nezinye izingane zisebenzisa leli payipi ukudoja ngesikhathi sesikole. Lokhu kuvele ngesikhathi…

Read More

UZICELELE UKUXHASWA USOMABHIZINISI WASE-BAQULUSI

UMeya kamasipala waseBaQulusi ukhansela uSifiso Mkhwanazi uvakashele ongusomabhizinisi waseMondlo kwaWadi 18,uNkk Gugu Zulu oneminyaka engu-68,onothando lokulima kanye nokufuya ikakhulukazi izinkukhu, UNkk Zulu usahamba imihlangano yokucobelelana ngolwazi (workshops) weZolimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemakhaya lapho abafundiswa khona ngamakhono okutshala kanye nokufuya imfuyo ehlukahlukene. UNkk Zulu ulinde isitifiketi emva kokuba kade eyocotshelelwa ngolwazi emavikini adlule. Ihloso yohambi ukaMeya uokuzibonela…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved