KUSOLWA ISANDLA SESITHATHU NGOKUSHA KWE-METER BOX YAMANZI EMATHONDWANE

Amaphoyisa ase-Besters aphenya isigameko sokusha kwe-meter box yamanzi yomkhandlu wase-uThukela District Municipality endaweni yaseMathondwane. Ngokusho kweKhansela lendawo, Thulasizwe Mlaba, waziswe ekuseni ngabasebenzi bomkhandlu abebeyaqhubeka nomsebenzi wokulungisa iphampu yamanzi endaweni ukuthi kushile. UMlaba uthi lePump ibisanda kulungiswa kanye nenjini yayo ngesonto eledlule, okwenza kube yinto emangazayo ukubona i-meter box isishile. Uveze ukuthi indlela eshe ngayo ikhombisa…

Read More

UMHLANGANO WAKWA MABHALONINI UPHUME NEZIXAZULULO ZENKINGA YAMANZI

Namhlanje kube nomhlangano obalulekile phakathi komphakathi wakwaWard 23 eMabhalonini ngaphansi kobuholi bukaKhansela Mvelase noMaspala iNkosi Langalibalele. Lo mhlangano ulandela umbhikisho wangesonto eledlule lapho umphakathi wavala umgwaqo ukhombisa ukungagculiseki ngokungatholakali kwamanzi. Umhlangano unikeze ithuba lokuthi izakhamuzi ziveze izikhalo nezimfuno zazo, kanti zaphuma ngobuningi bazo ukuzobamba iqhaza. Kule ngxoxo, izinhlangothi zombili zikwazile ukuvumelana ngezinyathelo nezixazululo ezizothathwa ukubhekana…

Read More

BEKUSINDWE NGOBETHOLE KUGCAGCELWA IKHANSELA LASE-ALFRED DUMA NGEMPELASONTO

Bekusindwe ngobethole ngesikhathi umphakathi waseBhatha, Lusitenia kanye nezindawo ezizungezile uhlangene ngoMgqibelo ukuzobungaza uKhansela waseWard 24 ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma uThembinkai Ngcobo, ngesikhathi egcagcelwa ngempelasonto. Lo mcimbi uhanjelwe ngabantu abaningi, okubalwa amalungu omphakathi, amakhansela kanye nezihlobo, abebeze ukuzohalalisela nokweseka uNgcobo kulolu suku olubalulekile empilweni yakhe. UNgcobo ugcagcelwe intokazi yaseBergville,uHloniphile uMaDladla , ongumakoti wesibili wakhe. Ngaphandle kwezombusazwe,…

Read More

UMKHULU WASEMBUZWENI UFISA UKUHLANGANA NOMEYA UZAMA SIBISI NGODABA LWEKHAYA LAKHE

Umkhulu Bheki Leonard Mazibuko oneminyaka engu-80 waseDark City eMbuzweni ngaphansi kukaWard 15, uthi unesifiso sokuhlangana neMeya kaMasipala wase-Alfred Duma Local Municipality, Zama Sibisi. Umkhulu Mazibuko, ohlala yedwa, uthi wadilikelwa umuzi wakhe ngesikhathi sezimvula zangonyaka odlule futhi kusukela lapho impilo yakhe isibe nzima. Ucele ikhansela lendawo, Xolani Kubheka, ukuthi limsize limxhumanise neMeya ukuze akwazi ukubikela ubuhlungu…

Read More

KUSHUBILE PHAKATHI KWE-LACO NOMHOLI WENTSHA YE-MK NGOSIZO LWASECHINA

Kuvele ukungezwani okukhulu phakathi kwenhlangano i-Labour and Civic Organisation (LACO) nobuholi bentsha ye-uMkhonto weSizwe Party (MKP), kulandela izinsolo ezibhekiswe kumholi wentsha yeMK, Qiniso Cibane. UMongameli weLACO, Mlungisi Zondi, usole uCibane ngokuthi uthengise “umzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika” ngokusondelana nosomabhizinisi waseChina ongumnikazi wamafemu akwaSthebe eMandeni. UZondi uthi lo somabhizinisi waseChina kuthiwa uxhase uhambo lukaCebane nethimba lentsha yeMK…

Read More

I-1KZN TV IPHIKA IZINSOLO ZOKUDLALA IZINKONZO ZABOKUFIKA KUMABONAKUDE

Isiteshi sethelevishini 1KZN TV sesikhiphe isitatimende siphendula izinsolo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana mayelana nezinhlelo zamasonto abokufika ezikhonjiswa kulesi siteshi. Esitatimendeni esikhishwe mhla lu-1 kuMeyi 2026, abaphathi be-1KZN TV bathe imininingwane esatshalaliswayo ayilona iqiniso futhi iyadukisa, begcizelela ukuthi abanazo nhlobo izinhlelo zamasonto abokufika ohlwini lwezinhlelo zabo. Lesi siteshi sithe lesi siteshi sisebenza ngaphansi kwemigomo ye-Independent Communications Authority…

Read More

KUXOXISWANE NGOHLELO LWEZAPHULELO ZAMANANI ENTELA YOMHLABA EMAFUSINI E-DANNHAUSER

UMasipala waseDannhauser ubambe umhlangano wokuxoxisana nomphakathi mayelana nohlelo lwezaphulelo zamanani amarates, njengengxenye yokuzibophezela kwawo ukukhuthaza ukukhokhwa okufanele kwezinkokhelo zomasipala, ngesikhathi esifanayo uqaphela izinselelo zomnotho ezibhekene nezakhamuzi. Lo mhlangano ububanjelwe kuWard 2, eEmafusini, futhi uhlelwe uMnyango Wezezimali kamasipala. Uhlelo lukhuthaze abakhokhi bentela ukuthi basebenzise leli thuba lezaphulelo elikhona isikhathi esinqunyiwe ukuze bakhokhe izikweletu zabo ezisalindile. Umhlangano…

Read More

UNDUNANKULU WESIFUNDAZWE UGXEKE UKUBULAWA KWEPHOYISA ETHEKWINI

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uThamsanqa Ntuli, usigxeke kakhulu isigameko sokubulawa ngesihluku kwephoyisa eThekwini, esigamekweni sokudubula esinodlame esenzeke izolo. lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke ngesikhathi amaphoyisa ephindisela kubasolwa abebehlomile, nesishiye nelinye iphoyisa elimele endaweni yase-Mount Edgecomb UNdunankulu uzwakalise ukudabuka okukhulu ngokulahlekelwa yilungu elizinikele loMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika futhi wedlulisa amazwi enduduzo emndenini, ozakwabo, kanye nabathandekayo bephoyisa elidlulile…

Read More

INHLANGANO YAMATEKISI INIKELE NGOMFANISWANO WESIKOLE

I-Underberg/Himeville Taxi Association ibambe umcimbi wayo waminyaka yonke wokweseka umphakathi, lapho inikele khona ngomfaniswano wezikole zamabanga aphansi ezingu-24 ngaphansi kukaMasipala i Dr Nkosazana Dlamini-Zuma. Lo mcimbi ububanjelwe ehholo lomphakathi e-Underberg. Kanti ube yimpumelelo enkulu njengoba izikole ezingama-24 zithole ukwesekwa,isikole ngasinye sithole abafundi abahlanu njengabahlomuli. Kwezinye izikole ezimbili, kuhlomule abafundi abayishumi ngenxa yesidingo esikhulu. Sekukonke, cishe…

Read More

KUPHAZAMISEKE IZIFUNDO ABAZALI BEVALA AMASANGO ESIKOLE INTANDOYESIZWE HIGH SCHOOL E-UITVAL

Kudideke abazali nabafundi ngesikhathi befika evalwe thanqa amasango e-Intandoyesizwe High School, ese-Uitvaal eMnambithi, namuhla ekuseni. Kubikwa ukuthi iqeqebana labazali livale isango lesikole lapaka nemoto phambi kwalo, lifuna kususwe uthishanhloko wesikole, uMnu Nene, limsola ngokuthi uhlulwa ukuphatha isikole ngendlela efanele. Ngokwemibiko, ezinye zezikhalo zabazali zifaka ukushoda kothisha kanye nezinsolo zokuthi abanye othisha abayi emakilasini ngesikhathi sokufundisa….

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved