Abesilisa abathathu, abaneminyaka engu-35, 44 no-51, kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Ezakheni namuhla, kulandela ukuboshwa kwabo e-Ezakheni izolo ebusuku.
Laba basolwa baboshwe ngamalungu e-uThukela District Intervention Task Team, abebesebenza ngolwazi abalutholile mayelana nezidakamizwa kule ndawo.
Cishe ngo-19h00, ithimba liye emzini oseD Section, lapho kuboshwe khona owesilisa oneminyaka engu-35. Ngesikhathi kuseshwa, kutholakale i-rock cocaine, amaphilisi e-mandrax namakhepsuli okusolwa ukuthi aqukethe i-heroin. Kuphinde kwathathwa imali encane okusolwa ukuthi iyimali etholakale ngobugebengu.
Ithimba libuye labopha owesilisa oneminyaka engu-51 e-E Section, obetholwe namaphilisi e-mandrax, amakhepsuli nemali.
Owesilisa wesithathu, oneminyaka engu-44, naye uboshwe e-E Section, ngemuva kokutholakala enamandrax, amakhepsuli kanye nemali.
Inani elilinganisiwe lezidakamizwa ezithathiwe lilinganiselwa ku-R10 000.
