UMeya kaMasipala Inkosi uMtubatuba, uKhansela M. Mthethwa, usebonge izicishamlilo namaphoyisa omgwaqo ngomsebenzi abawenzile kulandela ingozi embi eyenzeke ku-N2 ngeSonto ekuseni.
UMeya uMthethwa uthe abasebenzi basebenze ngaphansi kwezimo ezinzima ngesikhathi besiza ekuphathweni kwale nhlekelele.Uphinde wancoma izicishamlilo ngomsebenzi wazo wokutakula, wathi zisebenze ngokucophelela nangokuhlonipha izisulu, zaqinisekisa ukuthi isithunzi sazo siyagcinwa.
Amaphoyisa omgwaqo nawo anconywe ngokusiza ukulawula isimo emgwaqweni nokuqinisekisa ukuthi izimoto zosizo oluphuthumayo ziyakwazi ukudlula.UMeya uMthethwa uthe ukubambisana phakathi kwabasebenzi ngesikhathi kunalenhlekelele kubonise ukuzinikela kwabo emsebenzini.
