Umasipala wase-Alfred Duma usumemezele ukuqala kwamaphrojekthi okwakhiwa kwemigwaqo e-asphelt eWard 16 naseWard 36.
NgoMsombuluko, mhla zingama-28 kuMandulo 2026, iPhini leMeya yalo masipala, uKhansela S. Simelane, lethule ngokusemthethweni usonkontileka ozokwakha isigaba sesibili somgwaqo iSigweje Asphalt Road eKwaHlathi No. 2, eWard 36. Lo msebenzi unikezwe iBubanzi Geomatics & Properties futhi kulindeleke ukuthi udale amathuba emisebenzi abantu bendawo abangu-10.

NgoMgqibelo, mhla zingama-26 kuMandulo, uSimelane waphinde wavakashela iWard 16 e-Ezimbuzini Community Hall, lapho kwethulwe khona usonkontileka ozokwakha isigaba sesibili seWatersmeet Asphalt Road. Lo msebenzi uzokwenziwa yi-Akwande Konke Logistics kanti kulindeleke ukuthi kuqashwe abantu bendawo abahlanu.
Umasipala ucele umphakathi ukuthi usebenzisane namaphrojekthi futhi uvikele izinto zokwakha ukuze kungabambezeli ukuqedwa kwemisebenzi.
