UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, uhambele umndeni wakwaSithole KwaDamaseku, eNhlungwane ngaphandle kwasolundi, kulandela isigameko lapho umlilo washise indlu kwashona ingane kwalimala kabi abanye.Kukholakala ukuthi umlilo uqubuke ngeSonto ebusuku ngesikhathi kungekho ugesi,umndeni ubukhanyise ikhandlela, okukholelwa ukuthi yilo eliqale umlilo.
Kulimale amalungu omndeni amahlanu kulomlilo, kwashona ingane eyodwa. Oyedwa usephumile esibhedlela kanti abathathu baselashwa, ababili babo baseNgwelezane Hospital e-high care.UNgqongqoshe uSimelane udlulisele amazwi enduduzo emndenini, wafisela abalimele ukululama ngokushesha.
Uphinde waxwayisa imindeni esezindaweni ezingenagesi ukuba iqaphele uma isebenzisa amakhandlela, izitofu zikapharafini neminye imililo evulekile.UMnyango wezeMpilo uthe uzoqhubeka nokuqapha isimo sabasesibhedlela, kanti umndeni uphinde wathola ukwesekwa ngokwengqondo.
