Umholi weCaucus yeDA kuMasipala wesiFunda uThukela, uKhansela Thys Daniël Janse van Rensburg,ubhalele uMenenja kaMasipala uMnz Jili,efuna, izimpendulo mayelana nezindleko ezihambisana namathangi amanzi angu-15,anikezelwe umasipala azosetshenziselwa ukunikeza usizo imiphakathini ebhekene nokushoda kwamanzi.
Lamathangi kubikwa ukuthi ahlinzekwe nguMngeni-uThukela Water ngaphansi kokungenelela kweSigaba 63.Umasipala uthe lamathangi ahlinzekwa mahhala, ahamba nabashayeli,kanti umasipala wona uzohlinzeka ngabasizi babashayeli. Ithangi ngalinye lithwala amalitha angu-18 000 futhi kulindeleke ukuthi lihambe cishe amakhilomitha angu-190 ngosuku, izinsuku eziyisikhombisa ngesonto.
UVan Rensburg ubhalele iMenenja kaMasipala efuna imininingwane egcwele ngezindleko, okuhlanganisa uphethiloli, amaholo abashayeli, ukunakekelwa kwamathangi nezinye izindleko.Ufuna nokwazi ukuthi ubani okhokhela lezi zindleko nokuthi loluhlelo luzohlala isikhathi esingakanani.
Uphinde wabuza ukuthi ukusetshenziswa kwamathangi kuhambisana kanjani nohlelo lweSigaba-63 lokulungisa izikhungo zokuhlanza amanzi, ingqalasizinda kanye nohlelo lokusabalalisa amanzi.
UVan Rensburg ucele umasipala ukuthi uphendule zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa, ethi lemibuzo ihloselwe ukuqinisekisa ukubhekelelwa kwezimali kanye nokwenza izinto obala.
