Inhlangano uMngeni Unemployed Graduates Forum yamukele abafundi abangu-15 ezinhlelweni zayo zokuthola ulwazi lomsebenzi, ngokubambisana neSouth African Safety and Security Sector Education and Training Authority (SASSETA).
Kulaba, abangu10 bangama-intern abazoqeqeshwa futhi bathole ulwazi lomsebenzi isikhathi esiyizinyanga ezingu-12, kanti abanye abahlanu ngabafundi base-TVET abazothola amathuba okusebenza izinyanga ezingu-18.
leForamu uthi lolu hlelo luhlose ukusiza intsha nabafundi abasanda kuphothula izifundo zabo ukuthi bathole ulwazi lomsebenzi baphinde baqeqesheke.USabelo Xaba, onguProject Coordinator waleforamu, uthe lolu hlelo luyingxenye yemizamo yenhlangano yokubhekana nokuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni.Lenhlangano ithe izoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni, ama-SETAs, amabhizinisi nezinye izinhlangano ukuze kwandiswe amathuba entsheni.
