ASEQALILE UKUBONAKALA AMABHASI ATHUTHA ABOKUFIKA EMTSHEZI

Kuvele imibiko ethi kubonakale amabhasi azolanda abokufika endaweni yaseMtshezi, njengoba sekusele izinsuku ezine kuphela ngaphambi komnqamulajuqu owabekwa yiMeya yaseNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi Myeza kwabokufika abangenazincwadi wokuthi baphume baphele kuleliyadolobha. Kuthiwa amanye ala mabhasi abonwe eduze kwesiteshi samaphoyisa, kanti kusolwa ukuthi azothutha abantu baseZambia. Kuphinde kwavela nemibiko ethi inhlangano i-Al-Imdaad nayo ikhiphe ibhasi elizothutha abantu baseMalawi,…

Read More

OMASPALA BAKWAZULU-NATAL BASEBENZISE R268 BILLION NGENDLELA ENGAFANELE

Uhulumeni waseKwaZulu-Natal usuveze ukukhathazeka ngomaspala abakhombisa ukusebenza kabi ngokusetshenziswa kwemali okungagunyaziwe, okungadingekile nokumosayo, njengoba kukhula ukukhathazeka ngokwehla kokuphathwa kahle kwezimali nokwehluleka kokuletha izidingo zomphakathi. Lokhu kulandela ukukhishwa kombiko weNational Treasury i-Strengthening Municipal Financial Management – MFMA Compliance 2024/25, oveza ukuthi izimali zomasipala sezifika ku-R268.13 billion ezichithwe ngendlela engahambisani nemithetho noma echithwe ngaphandle kwesidingo. UMnyango wezeziMali…

Read More

BAFUNZWE ULWAZI NGAMATHUBA EMFUNDO EPHAKEME ABAFUNDI KWA-NONGOMA

Bezingaphezu kuka-40 izikole zaKwaNongoma ebezihlanganyele embukisweni wemikhakha yezemfundo ephakeme obubanjelwe eMultipurpose Hall, kwaNongoma. Lo mbukiso uhehe abafundi abangaphezu kuka-3 000 abafike ngenhloso yokuthola ulwazi olubanzi ngamathuba emfundo yasemazingeni aphakeme nemikhakha ehlukene yemisebenzi. Kulo mbukiso bekukhona izikhungo zemfundo ephakeme ezingaphezu kwamashumi amabili kanye nezinkampani ezizimele. Bekunezikhungo zezemfundo ezehlukene, Kanye Neminyango kaHulumeni.UMeya, kaMasipala Mbekezeli Zondo, udlulise amazwi…

Read More

KUTHOLAKALE ISIDUMBU SOMUNTU ENDAWENI YOKULAHLA UDOTI E-ARCACIAVILLE EMNAMBITHI

Kutholakale isidumbu somuntu wesilisa endaweni okulahlwa kuyo udoti e-Acaciaville, eMnambithi. Ngokwemibiko etholakele, kuthiwa lesi sidumbu sitholwe ngomunye wabelusi obelusa kule ndawo. Kubikwa ukuthi umelusi uqale wezwa iphunga elibi, okube sekumholela endaweni lapho ethole khona umzimba womuntu osuwonakele kakhulu. Kuthiwa umelusi ube esehlaba umkhosi, amaphoyisa abe esefika endaweni yesigameko ukuze aqale uphenyo. Ngenxa yesimo umzimba obukuso,…

Read More

I-SACP OKHAHLAMBA DISTRICT IBAMBE UMHLANGANO NGAPHAMBI KOKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA

Ama-Red Brigades e-South African Communist Party (SACP) oKhahlamba District abambe umhlangano ngempelasonto njengengxenye yokulungiselela kwawo uKhetho Lohulumeni Bezindawo oluzayo. Umhlangano wethulwe nguSikhumbuzo Mdlalose, uNobhala Wesifundazwe Wesikhashana we-SACP, ogcizelele ukubaluleka kokuzinikela ngokuzidela kanye nokuzibophezela okungapheli emsebenzini weQembu. UMdlalose uthe umsebenzi wenhlangano ye-SACP kumele uhlale ugxile ekuthuthukiseni imodeli kahulumeni wendawo egxile kubantu, lapho imiphakathi ibekwa phambili futhi…

Read More

I-IDAC IPHIKISA AMAHEMUHEMU OKUPHUMA KOMYALELO WOKUBOSHWA KUKAMKHWANAZI

I-Independent Directorate Against Corruption (IDAC), okuwuhlaka olukhwthekile olulwa nenkohlakalo ngaphansi kweNational Prosecuting Authority (NPA), ikhiphe isitatimende izolo ngomhlaka 17 Meyi 2026 iphikisa amahlebezi asabalele ezinkundleni zokuxhumana athi kukhona incwadi yokuboshwa (J50 warrant of arrest) kaKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi. I-IDAC ithe lezi zinsolo zingamanga futhi ziqhutshwa abantu abafuna ukuphazamisa umsebenzi walolu phiko kanye nemizamo…

Read More

UPHAKELUMTHAKATHI UPHIKA IZINSOLO ZOKUTHATHA INTOKAZI YASEZIMBABWE

UPhakelumthakathi usephike izinsolo ezithi uganwe noma unobudlelwano bothando nentokazi yaseZimbabwe. Lokhu kulandela ukuthi intokazi eyaziwa ngoBekezela Dube, edabuka eZimbabwe, ithe yona noPhakelumthakathi bayathandana futhi yaze yaveza nezithombe kanye namavidiyo abo bendawonye ezinkundleni zokuxhumana. UPhakelumthakathi, owaziwa njengesishoshovu somkhankaso wokulwa nabokufika abangekho emthethweni, uthi lezi zinsolo azilona iqiniso futhi akanankosikazi wangaphandle. Uveze ukuthi wake waba nobudlelwano bothando…

Read More

BANGU-21 ABABOSHWE NGOKUSHAYELA BEDAKIWE EMNAMBITHI

Kuthiwa ithimba lama-Road Traffic Inspectorate (RTI) liphendule isimemo esikhethekile esivela emphakathini waseMnambithi, lafika ngoLwesihlanu ebusuku lizokwenza umsebenzi wokuhlola abashayeli emigwaqeni. Ngokusho kukaNgqongqoshe uDuma, abantu abangu-21 baboshwe ngezinsolo zokushayela bedakiwe ngesikhathi somkhankaso. Kuboshwe laba abalandelayo: • Onogada ababili baka-Alfred Duma Local Municipality • Othisha ababili, lapho omunye kubikwa ukuthi uzame ukubaleka ngesikhathi ebuzwa ukuthi “#NenzaniLaEzweni”, waphinde…

Read More

AKHALE NGOKUDELELEKA EMAKHAYA NGOBA ENGASEBENZI AMADODA ASEZAKHENI

Amadoda aseZakheni akhale ngokungahlonishwa uma engasebenzi emakhaya. Lokhu kuvele emcimbini obuhlelwe umnyango wezempilo obubanjelwe ezindlini zomtapo wolwazi eZakheni. Amadoda athi uma engasebenzi awahlonishwa nhlobo emindenini yawo okudala ukuthi ahlukumezeke ngokomqondo kodwa kubukeka engathi akekho umuntu onake indaba yawo. Amanye amadoda athi aseyancishwa nenkonzo yasekameleni emakhaya ngoba ehluleka ukubeka okuthile etafuleni. Acela uhulumeni ukuthi awanake nawo…

Read More

UKHANSELA UXOLANI KUBHEKA UBONGA UTHUKELA NEWS TIMES NGOSIZO KUMKHULU OWAHLASELWA YIZIKHUKHULA

UMnambithi – Ukhansela waseWard 15, uXolani Kubheka, usebonge iphephandaba i-Uthukela News Times ngokuveza udaba lukaMkhulu uBheki Leonard Mazibuko (70), ofisa ukuhlangana noMeya wase-Alfred Duma Municipality, uNkk Zama Sibisi. UMkhulu uMazibuko uhlala yedwa, kanti indlu yakhe yadilikela ngesikhathi sezikhukhula ezahlasela eMnambithi eminyakeni embalwa eyedlule. Kusukela lapho, ubebhekene nobunzima bokuphila ngaphandle kwendawo yokuhlala efanele. UKhansela Kubheka uthe…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved