Iqembu leDemocratic Alliance ngaphansi kwesifunda sasoThukela likushayele ihlombe ukuboshwa kukaMphathi kaMasipala wase-uThukela, uLangelihle Jili, ngamaphoyisa oPhiko loKlebe.I-DA ithe lokhu kuyisinyathelo esibalulekile ekulweni nenkohlakalo nasekuqinisekiseni ukuthi abantu abasolwa ngokusebenzisa kabi izimali zomphakathi bayaphendula.
Usihlalo weDA oThukela, uKhansela Thys Janse van Rensburg, uthe leli qembu selineminyaka liphakamisa izinsolo zenkohlakalo, ukungaphathwa kahle kwezimali kanye nokusetshenziswa kabi kwezimali zomphakathi ngaphansi koMasipala wasoThukela.
I-DA ithe ike yadlulisela izinsolo zokuxashazwa kwezimali kulomasipala koKlebe futhi ibilokhu ifuna ukuthi kube nokuziphendulela kubaphathi abaphethe izimali zomphakathi.Iphinde yathi uphenyo kumele luqhubeke futhi lubheke bonke abangase babenesandla,okubalwa kubo izikhulu zikamasipala, osopolitiki kanye nezinkampani ezihlinzeka ngezinsiza.
Nokho, leli qembu ligcizelele ukuthi ukuboshwa akusho ukuthi umuntu unecala, kanti uMnz Jili usathathwa njengomuntu omsulwa kuze kube yilapho inkantolo ithatha isinqumo kanti noKhulumela Oklebe Lt Col Simphiwe Mhlongo ukuqinisekisile ukuthi alikho icala asabekwe lona uMnz Jili .
I-DA ithe izoqhubeka nokulwisana nenkohlakalo nokuthuthukiswa kwezinsiza ngaphansi kwesifundsa sasoThukela, ikakhulukazi njengoba izakhamizi zisaqhubeka nokubhekana nezinkinga zamanzi, ingqalasizinda ewohlokayo kanye nokulethwa kwezinsiza okungagculisi.
