Abafundi baseSharaj Training Services eMnambithi sebevulele lesi sikhungo icala emaphoyiseni, besisola ngokubakhohlisa ngezifundo zezempilo nangokubanikeza izitifiketi ezingombombayi ezingahambisani nezifundo abebecabanga ukuthi bayazenza.
Laba bafundi bazifikele mathupha emahhovisi ephephandaba Uthukela News Times bekhala ngokuthi bakholelwa ukuthi baqolwa yilesi sikhungo. Abanye bathi ngesikhathi bebhalisa batshelwa ukuthi bazokwenza izifundo ze-Auxiliary Nursing, kodwa bathola ukuthi izitifiketi zabo zibhalwe omunye umkhakha.
Abanye abafundi abasaqhubeka nezifundo kulesi sikhungo bathi uma becela ubufakazi bokuthi sibhalisiwe yini ngaphansi kwezinhlangano ezigunyaza ukuqeqeshwa emikhakheni yezempilo, basatshiswa esikhundleni sokuthola izimpendulo. Okunye okubadidayo ukuthi lezi zitifiketi zine-Expiry Date nokungacaci ukuthi lokhu kusho ukuthini.
Omunye umfundi owenza izifundo ze-Home-Based Care uthi uthintane ne-Quality Council for Trades and Occupations (QCTO), wabuza ngokubhaliswa kwalesi sikhungo, watshelwa ukuthi asibhalisiwe.
Ngesikhathi Uthukela News Times izama ukuthola uhlangothi lwabaphathi isatshiswe ngokuthathelwa izinyathelo zomthetho. Imibuzo eyathunyelwa nge-imeyili ayizange iphendulwe ngaphambi kokushicilelwa kwale ndaba.
Abafundi bathi bafuna ukubuyiselwa imali yabo, bethi izitifiketi zabo zibaphazamisa ekutholeni imisebenzi. Baphinde bathi le nkinga ibabeke esimweni esinzima njengoba sebechithe isikhathi nemali befunda.
Lezi zinsolo azikakaqinisekiswa yinkantolo, kanti uhlangothi lwesikhungo lusasalindelwe.
