Uphiko olushushisa amacala kuzwelonke iNational Prosecuting Authority ithi isamukele isigwebo sikadilikajele esinikezwe owesilisa oneminyaka engu-29 ubudla ngemuva kokutholwa enecala lokugqekeza nokudlwengula owesifazane osekhulile eMadadeni.
Inkantolo yesiFunda eMadadeni izwe ukuthi lesi sigameko senzeka ngoAgasti 2024, ngesikhathi isisulu sifika ekhaya sathola ifasetela livuliwe,umgilwa wangena endlini wacima ugesi walala. Wabe esebhozonyelwa ummangalelwa ngaso leso sikhathi,wamtshela ukuthi uze ngokuzombulala wamhlala ngobhongwane emklinya. Wamdudulela embhedeni wamdlwengula wamvala umlomo ukuthi angamemezi.
Ummangalelwa waqeda ukugila lomkhuba wabaleka. Umgilwa wasala wacela usizo kumakhelwane walala khona. Wesaba ukubabikela ukuthi udlwenguliwe. Ngakusasa wabikela isihlobo sakhe lonke udaba.Udaba lwabikwa emaphoyiseni,umgilwa wayiswa eMadadeni Thuthuzela Care Centre(TCC) wathola usizo lwezempilo nakomqondo. Ummangalelwa waboshwa ekubo emuva kokuthi umgilwa ekwazile ukumhlonza.
Ummeli woMbuso, uZama Zikalala, ucele inkantolo ukuthi ikhiphe isigwebo esinzima, wethula nesitatimende sesisulu esichaza ukuthi lesi sigameko samphazamisa kakhulu futhi samphoqa ukuthi athuthe lapho ayehlala khona.Inkantolo igwebe lommangalelwa iminyaka emihlanu ngecala lokugqekeza kanye nodilikajele ngecala lokudlwengula.
I-NPA ithe izoqhubeka nokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane kanye namacala okunukubeza ngokocansi, ngokusebenzisa amaThuthuzela Care Centre ahlinzeka izisulu ngosizo lwezempilo, ezomthetho nolwengqondo.
