SAPS BADGE
Amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal aphenya icala lokubulala ngemuva kokubulawa kowesilisa ongowokufika enkabeni yedolobha iTheku namhlanje ekuseni.Lowesilisa, okukholakala ukuthi uneminyaka ephakathi kwengu-30 no-40 ubudala, kubikwa ukuthi ushaywe wabulawa yiqulu labantu.
Ngokusho kwamaphoyisa,leliqulu labantu belihamba emgwaqeni uDr Pixley kaSeme libheke kuMaud Mfusi Street ngesikhathi amadoda amabili ehlukana nalo leliqulu asondela kowesilisa obemi eceleni komgwaqo.Kubikwa ukuthi lowesilisa ube esehlaselwa yilesisixuku esibalelwa kubantu abangu-50, washonela khona endaweni yesigameko.
Amaphoyisa athi aphenya ngemikhondo ehlukahlukene ngenhloso yokuthola nokubopha abasolwa. Imbangela yokubulawa kwalowesilisa ayikaziwa.Amaphoyisa anxuse umphakathi ukuthi ungazisabalalisi izindaba ezingaqinisekisiwe mayelana nalesi sigameko.
