Isithombe:SAPS
Amaphoyisa KwaZulu-Natal anxusa usizo lomphakathi ekutholeni uMhlengi Keko Ndimande, okholakala ukuthi angaba nolwazi olungasiza ekuxazululeni icala lokubulawa kwabantu abane.
Abaphenyi beProvincial Murder and Robbery Unit bathi lababantu badutshulwa babulawa endaweni yaseZamani, eMpumalanga eHammersdale,ngomhlaka 30 kuZibandlela 2025.
Amaphoyisa athole imoto okubonakala ukuthi yadutshulwa inezimbobo zezinhlamvu, kwathi ngaphakathi kuyo kwatholakala owesilisa owayedutshulwe amahlandla amaningi waze washona.Abanye abantu abathathu ababekule moto baphuthunyiswa emtholampilo kodwa nabo bashona ngenxa yokulimala kanzima.
Onolwazi ngokuthi uNdimande ukuphi ucelwa ukuba axhumane noColonel Ngcobo ku-082 324 8123 noma uWarrant Officer Zondi ku-082 459 5586.
Umphakathi ungaphinde ushayele iCrime Stop ku-08600 10111 noma usebenzise uhlelo lwe-MYSAPS. Yonke imininingwane izogcinwa iyimfihlo.
