Kubikwa ukuthi isikhulu sikaMasipala wasoThukela siboshiwe ngezinsolo zenkohlakalo. UMphathi kaMasipala Wesifunda sasoThukela, uMnuz L S Jili, kubikwa ukuthi uboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesithathu kusihlwa, ngezinsolo zenkohlakalo. Kodwa, imininingwane egcwele ngezimo eziholele ekuboshweni kwakhe azikacaci.
UMasipala wasoThukela kanye noSiyabonga Masoka, oyimenenja eHhovisi leMeya, bebengakatholakali ukuze baphawule ngaloludaba ngesikhathi sokushicilelwa kwalolu daba.
