UKgosientsho Ramokgopa usexwayise amakhasimende angakawalungisi amamitha awo ukuthi afake inombolo entsha ka-Eskom Key Revision Number ukuthi ngeke akwazi ukufaka amathokheni kagesi ngemuva kweSonto.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo ngoLwesithathu, uRamokgopa uthe isidingo sokushintsha kabusha uhlelo yindaba yezobuchwepheshe engeke ihlehliselwe emuva.
“Kuyimpoqo. ngomhlaka-24 kuLwezi uma ungakayifaki lenombolo, kusho ukuthi uzoba nenkinga. lokhu kunguhlelo olusha lobuchwepheshe besimanje. ukube kusekudala ngabe kumele sishintshe sonke isigubhu sikagesi, kodwa ngoba siyazi ukuthi lokho kuyabiza futhi lendela entsha iyashesha, yingakho sisebenizisa yona”
Ungqongqoshe uthe amamitha ayizigidi eziyisi-6.9 aseqoshwe kabusha ngempumelelo – okushiya ngaphezulu kwezigidi ezimbili okusadingeka ukuthi zithuthwe ngaphambi kweSonto.
U-Eskom uthi uzobiza amakhasimende u-R12 000 ukushintsha imitha uma kukhona okuzofika usuku lomnqamulajuqu bengayifakile ikhodi..
Nansi indlela entsha yokufaka ikhodi:
How to Check and Recode Your Meter
To verify if your meter is ready:
• Enter 1844 6744 0738 4377 2416 on your meter keypad.
• If it shows 1 or 1.2, your meter still needs to be recoded.
• If it shows 2 or 2.2, your meter is already updated and requires no further action.
To complete the recoding:
• Enter the first 20 digits of your recode token.
• Enter the second 20 digits of your recode token.
• Finally, enter the 20-digit token from your latest electricity purchase to recharge your meter.
Please refer to the dashboard on the Eskom website for the updated figures of the Eskom Key Revision Number rollover project progress: Key Revision Number – Distribution (eskom.co.za)