Izakhamizi zasezindaweni ezisondelene nomtholampilo iSt Chad’s abathi sebekhathele ngukuhlukumezeka abakuthola kulomtholampilo.
Sekubezikhashana eziningi abantu bexoxa ngezigameko ezenzeka laphaya ezingabajabulisi futhi abacabanga ukuthi azihambisani namalungelo abo.
Izolo omunye wamalungu omphakathi obegula ubhale ekhasini labesifazane baseMnambithi lika Facebook lapho ezwakalise ukungathokozi ngempatho ayithole kuloyamtholampilo nokwenze kwavela abaningi bekhipha ingonyuluka yokuhlukumezeka kweziguli uma ziyofuna usizo.
Ubhale wathi, “Lapho eSt Chads Clinic ake nifunde ukuhlonipha umuntu, nina umuntu niyamehla nje kusukela kwi security uyofika kwiReceptionist.”
Kube sekungenelela nabanye abakhala ngezinto ezifuze yona le eziveza obala ukuhlukumezeka komphakathi osebenzisa lomtholampilo.
Omunye uye waphawula wathi,“Ngithi ngawubamba ulayini ngafika kudokotela wakhona wangbuka emehlweni wathi anginalutho,umqondo wami nje ongitshela ukthi ngyagula. Ngaphuma ngahamba”.
Bakhala ngokunganakwa ngamanesi isikhathi eside ezixoxela izindaba zawo engazi nokuthi lidumephi owadibana nalenkinga uchaze kanje, “Yeyi into elaphana..ngaya khona week before last week ngolwesthathu ebusuku. Ngafika efasteleni behleli nje abaw-3 imale nurse ubhuti okhipha ama file ne security. Wathi angihlale phansi ubhuti wama file. Sahlala nje kuthe esethanda wangibiza ezokwenza ifile. Mangithi ngsuka kwa E wathi yini ngingayanga kwa C iyona okumele ngiye kuyo….Wakhuluma nje impela ngehlisa Moya phela ngoba ngifuna usizo lomntwana. Kodwa kona bayayenza lento Yabo”
Omunye ukhale ngokuphepha kwezimoto zabo okuthiwa zisale ngaphandle kwesango kodwa zikhona izindawo zokupaka ngaphakathi yena uthe, “Mina engiphatha kabi eSt Chad’s Ile yokuthi shiya imoto phandle ebusuku amapark ngaphakathi ebe empty. I understand emini but ebusuku cha kuwrong lapho amasecurity akhona athi wona awahlangene nemoto yakho okuzokwenzeka kuyo abangene. Uyagulelwa ngala nenhliziyo isemotweni ehlezi yodwa ebumnyameni. Ngiyafisa beyicabangisise lento yabo”.
Izakhamuzi bathi loludaba lwabasebenzi abahlukumeza iziguli kumele lungenelelwe ziphathimandla ngoba kwenza bagcine benqena ukuyofuna usizo noma begula ngenxa yempatho yabasebenzi futhi kuhlukumeza amalungelo abo okuthola usizo lwezempilo.
Sanbona ngzocela ukngazisho igama.engikbona kubhalwe lana kuyasithusa thina zakhamuzi zase St.Chad’s ngoba sazi ukuthi iclinic yezela usizo kithi singabantu kodwa engikuzwa kulendaba kuyadumaza ngoba ayikho enye i clinic eseduze ngaphandle kwale.ngicela amanesi nabasizi bonke baysukumele lento singaze thina sithathe isinqumo esithile ngalento.ngoba sizoteleka futhi angeke kubemnandi.iloyo naloyo oyi nurse akacabangisise futh enze umsebenzi wakhe ngokuzikhandla ngoba ukuthukuthala kwethu kodlulela.sishise kwazimoto zabo.zokwenza lokho asinqeni sisabekezela nje niyasazike siyi St.Chads soqala emgaqweni sidlulele phambili e clinic sinikize kwasani