Abalimi abancane Bakakotini eMakhathini Flats, edolobheni laseJozini ngaphansi kwesifunda sase-uMkhanyakude, enyakatho yeKwaZulu-Natal, abebebhekene nezinselelo zokwenza imali emsebenzini wabo onzima, bathole ithuba elisha.
Abalimi bebebhekene nokushoda kwezinsiza, imishini, kanye nemakethe, okubenze bangakwazi ukuthola inzuzo etheni.
“Ngokungaqiniseki embonini kakotini, abanye abalimi bese benqume ukutshala ezinye izitshalo ezifana nebhontshisi namathanga. Abanye sebeze bashiya phansi emsebenzini wokulima,” kusho uKhulekani Mabika, omunye wabalimi.
NgokukaMabika, ukubuyiselwa kwethemba kwabalimi kuqale ngemuva kokubambisana noMr Price Group, okuyinkampani enkulu yezitolo.
“Le phrojekthi ihlose ukusiza abalimi abancane ukuze bathole inzuzo engcono kwezokukhiqiza ukotini. Kodwa besihlala sikhathazekile ngokusimama, yingakho singenelele ngoxhaso lwezimali ngendlela yezikweletu, ukuze bakwazi ukukhokhela izindleko zabo zokutshala,” kusho uNatasja Ambrosio, umsunguli weMr Price Foundation.
“Izikweletu esibanika zona azinayo inzalo,” kusho u-Ambrosio.
UMr Price umemezele ngesikhathi iCotton Industry Indaba yokuqala ebibanjelwe eGauteng ukuthi uzonikeza uxhaso oludlula ku-R30-million ukuthuthukisa nokuxhasa abalimi abancane bakakotini.