Abuholi bomkhandlu UThukela okubalwa uMeya uCllr NB Shabalala, uSomlomo Cllr TY Nqubuka, uSihlalo wezamanzi nokuthuthwa kwendle uKhansela Cllr MM Mkhonza kanye nabanye abaholi abawuvali umlomo ngabakubone ngesikhathi behambele iWorkshop yakulomkhandlu ngenhloso yokuyobheka ukuthi imishini yokusebenza isesimeni esikulungele yini ukusebenza .
Labaholi bazithele phezu kwenkiyankiya yenkanankana yekhonteyna ebigcwele amamitha kanye namapayipi amanzi kufihliwe. Akugcinanga lapho babambe ongezansi sebephinda bethola ukuthi kunanezimoto ezibekwe kuleyandawo abebengakaze baziswe ngazo.
UMeya uShabalala uthi bashaqekile ukuhlangabezana nalomhlola. Uthi njengoba umphakathi uhlezi ukhala ngamanzi kangaka nje kuyabethusa ukuthi kukhona amapayipi namamitha afihliwe engabe ayalekelela ukuhanjiswa kwamanzi emphakathini. UShabalala uthi, bahlezi besebenzisa nemali yabakhokhi bentela ukuthenga amapayipi namamitha kanti kukhona afihliwe nje.
uMshengu uthi kuzoba nophenyo olusheshayo ngaloludaba ukuze abathintekayo bajeze ngalesi senzo sabo esibonakala sidlala indima enkulu ekuvezeni umkhandlu njengomkhandlu ongenzi kahle emphakathini.
Why kubulawa bntu