Ngokwe-South African Development Plan, u-90% wemisebenzi emisha kumele idalwe ngokusebenzisa amabhizinisi amasha ngaphambi kuka-2030.
Ucwaningo olwenziwe yi-Gordon Institute of Business Science (GIBS) Entrepreneurship Development Academy lubonisa ukuthi amabhizinisi asemalokishini anika aqhashe abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili.
Inhloko yokufundisa ngamabhizinisi e-GIBS Business School, uLerato Mahlasela, uthi sekukhona ukuguquka kwezimali zokuxhasa amabhizinisi asemalokishini.
UMahlasela uthi, “Uma sicabanga kahle, abantu abangaba yizigidi ezi-2.5 bathola umsebenzi kula mabhizinisi asemalokishini. Sikhuluma ngomsebenzi wezomnotho ongaba ngu-R900 million. Ngakho-ke, ingabe izimali zokuxhasa amabhizinisi seziye zaguquka? Ngingathi ziya ziguquka. Okubalulekile ukuthi abantu balungiselele ukuthola uxhaso lwezimali.”