I-SA National Council for the Blind isizwakalise ukukhathazeka okukhulu ngemibiko yokuqolwa kwabantu abakhubazekile e-Eastern Cape.
Abantu abaphila nokukhubazeka eMthatha sebeyizisulu zakamuva zezinsolo zokuqolwa ukuze bathole ukuvikelwa esifundazweni.
UMqondisi Omkhulu weNational Council for the Blind, uLewis Nzimande, uthi kuyakhathaza kakhulu lokhu.
“Kunesikhathi eside kukhulunywa ngalolu daba kanti umphathi wesiteshi samaphoyisa ubazi ngalo. Bebegcwele lolu hlelo nala malungu ethu, bebezama ukubatholela usizo kanti nosizo belungatholakali. Okokugcina manje ukuthi bafuna umuntu okungenani alusukumele lolu daba.”