Sibukeka sikhula kakhulu isibalo sabantu abasha ikakhulukazi abantu besifazane asebezinikele otshwaleni kuleli.
Abaningi bathi baphuzela ukuzijabulisa kanti abanye futhi bathi baqeda izinkinga zabo.
Endaweni yaseBergville kubukeka ngathi abesifazane abaganile sebengene bashi ophuzweni oludakayo kangangokuthi sekukhona abahlali asebeyinakile lento futhi iyabakhathaza sebeze bayayaikhuluma ngenhloso yokukhuza lesi sihlava.
Kuthiwa laba besifazane baphuza uma kunemicimbi bangagcini lapho sebephuza ngisho kushoniwe behambele imilindelo emzini yabantu.
Abazazi kangcono bathi kuleyandawo sekukancane ukuthi usizwe ngomakoti uma kukhona okukwehlele noma unomcimbi uma ungeke ubanike utshwala.
Umbuzo abanawo bathi izvuka kanjani imizi yamadoda uma kunje?
Iqiniso elingephekiswe lelo nokuyinto engeke isalungiseka