Bakhala ezimathonsi abesilisa abathwebula izithombe enxanxatheleni yezitolo edolobheni iTugela Ferry emva kokuba bephucwe amakhamera abo ngabantu abathe bathunywe yinkosi yendawo.
Laba balisa abathi baziphilisa ngakho ukuthwebula abantu lulendawo bathola uMyalelo okwathiwa uvela enkosini yendawo INkosi Daba Mthembu wokuthi bayeke ukuthwebula abantu kulendawo.
UMthembu uthi wathola izikhalazo kubanikazi benxanxathela zokuthi kukhona abahweba ngokungekho emthethweni kulenxanxathela, wabe esebhalela amaphoyisa incwadi ewacela ukuthi asize ukususa labantu abathwebula izithombe kulendawo. INkosi ithi nayo isike yazama ukukhuluma nabo, kodwa kwabonakala ukuthi abezwa bayaqhubeka nokuthwebula.
Evikini eledlule kuthiwe kugasle amadoda okuthiwa ebethunywe yinkoso maqede ashaqa amakhamera abawasebenzisayo ase ebayalela ukuthi uma bewafuna kuzomele bahlawule ngenkomo ngoba beqa umyalelo wenkosi.
Lezi zinsizwa zikhathazekile ngoba zithi yiyona ndlela abebenayo yokuziphilisa lena yokuthwebula abantu enxanxatheleni yezitolo,”asisazi ke manje ukuthi kumele senzenjani, abanye bethu bephucwe amakhamera abo, thina abanye sikwazile ukubaleka,” kuchaza lensizwa.