Isishoshovu saseThekwini u-Aluta Humbane sizwakalise ukudumala ngokuqhubeka nokuvalelwa ngaphandle komphakathi we-LGBTQI ngabanye abaholi bezenkolo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Anglican Church of Southern Africa isanda kusichitha isiphakamiso sokuthi kubusiswe abathandana nobulili obufanayo ezifundeni ezibamukelayo. Lesi sinqumo sathathwa emhlanganweni wesigungu sabefundisi, lapho abaholi bamabandla begcizelela ukubaluleka kokulondoloza ubunye nokusekela izimfundiso zebhayibheli.
U-Humbane, oyilungu leDurban Lesbian & Gay Community and Health Centre, wabelane ngolwazi lwakhe lokuzizwa engamukelekile ebandleni, okuholele ekutheni ayeke ukuya ezinkonzweni.
“Iqiniso liwukuthi baningi abantu be-LGBTQI, futhi sibabona ezindimeni zobuholi. Ukucwaswa okungekuhle okuhambisana nokuba yi-LGBTQI kuvame ukubangelwa ukungazi kanye nenzondo yabantu abathandana nobulili obufanayo,” esho.
Phezu kokulahlwa yibandla, uHumbane ukhuthaza labo abathandana labantu bobulili obufanayo ukuthi bangafuni ukuqinisekiswa kwabanye. Uphinde wagqamisa isidingo sokudala izindawo eziphephile zomphakathi we-LGBTQI ngaphandle kokwephula amalungelo abanye.